Leonel Messi
Image: CHANDAN KHANNA / AFP
NAKUBA yehlukile kokujwayelekile kodwa akukho nokuncane ukungabaza ukuthi indlela okudidiyelwe ngayo iFifa Club World Cup ezoqala ngeSonto e-United States of America (USA) izobashiya bebheme bakholwa abathandi bakanobhutshuzwayo umhlaba wonke.
Ngokujwayelekile, lo mqhudelwaano ubunjwa ngamaqembu angekho ngaphezulu kwayishumi futhi awapheli amasonto amabili ingasongwanga kulelo dolobha elilodwa esuke idlalelwa kulona.
Zijikile izinto kulokhu kwazise iFifa imeme amaqembu angu-32 omhlaba wonke enze kahle ngokwahlukana kwemiqhudelwano yale nhlangano eyengamele ibhola lomhlaba eminyakeni emine edlule.
Izwe livunyelwe amaqembu amabili ngalinye kodwa okungazibeki yimvunge ngamagama alawa ashiywe ngaphandle njengeFC Barcelona neSevilla baseSpain, Liverpool yase-England, Napoli ne-AC Milan womabili ase-Italy.
ILiverpool isale ngaphandle ngenxa yokuthi iChelsea neMan City yiwona amaqembu adlale iChampions League kumasizini athinta indlela obekuqokwa ngayo azomenywa kulo mqhudelwano. Ngakho-ke umthetho ubungasalivumeli elesithathu.
NaseSpain kube wumthetho ofanayo oweze i-Athletico Madrid ehambisana neReal Madrid.
Njengoba lo mqhudelwano use-USA, iFifa iphinde yamema i-Inter Miami ukuthi izoba ngosokhaya njengeqembu lasendaweni.
Lokhu kunika lo mqhudelano isithunzi kwazise iMiami idlalelwa uLeonel Messi ongomunye wabadlali abathathwa njengabangcono kunabo bonke kwabake bangena enkundleni emlandweni kanobhutshuzwayo emhlabeni.
I-Afrika imelwe ompetha bePremier Soccer League (PSL) iMamelodi Sundowns yakuleli, Al Ahly yase-Egypt, Esperance de Tunis yaseTunisia neWydad Casablanca yaseMorocco.
Ngokumenywa kulo mqhudelwano, usuvele ungenile ebhange leSundowns u-R170 million.
Kusukela ngoJuni 1 kuya ku-10 iFifa ibivule iwindi lokushintshana ngabadlali eliyisipesheli kodwa iSundowns ingelinye lamaqembu angazange awusebenzise lo phawini.
IMan City iya e-USA ngezinduku ezintsha ezingoRayan Ait-Nouri, Tijjani Reijnders noRayan Chekri ngesikhathi esifanayo iChelsea yaqinisa ngoLiam Delap noMamadou Sarr.
Amakhosi e-Uefa Champions League, iMadrid aya khona ephezulu amathemba kwazise inomqeqeshi omusha, uXabi Alonso obegila, izimanga kwiBeyer Leverkusen yaseGermany ngaphambi kokuthatha lo msebenzi.
Kuthishwe iParis Saint Germain (PSG) ukuthi idle lesi sicoco kwazise izofika e-USA ishayela phezulu kulandela ukuguqisa kwayo i-Inter Milan kowamanqamu we-Uefa ka-2025.