SITHEMBISO MKHIZE
BAZOLULEKWA ngokomqondo abadlali beSwallows ehlulwe okokuqala kwiDStv Premiership idlala neTS Galaxy enqobe ngo-2-1.
UBrandon Truter obezwakala engathukile ngemuva kwalo mphumela, uthe kuzomphoqa ukuhlala phansi namasosha akhe awatshele ukuthi kakukona ukuphela komhlaba ukuhlulwa kwabo.
"Sekuphele cishe unyaka wonke sagcina ukuhlulwa emidlalweni yeligi. Kulindelekile ukuthi abadlali bami bazizwe bephansi. Ngemuva komdlalo ngixoxile kancane nabo, kusazomele sihlale phansi. Ukubaluleka ngokomqondo ngeke kube inkinga, eqenjini sinabadlali abanesipiliyoni,” kubeka uTruter.
IZinyoni ziye kowangoLwesibili ziphuma ekushayweni kumaphenathi iTshakhuma koweNedbank Last 16. Kwiligi bese zidlale ngokulingana kulandelana kahlanu.
Zagcina ukunqoba ngoJanuary 16, zishaya iBaroka ngo-1-0 wegoli likaRuzaigh Gamildien.
Nakuba ziguqile iZinyoni, uTruter uzincome ngokudlala kahle.
"Umdlalo siwuphathe kwaze kwaba umzuzu ka-85. Ngemuva kwalokho izitha zethu zidlalise phambili abadlali abane kuya kwabahlanu. Izinto ziqale ukusijikela lapho. Ngiyabancoma abadlali bami ngokumelana neqembu elimakayo nelihlakaniphe njengeGalaxy”
Lo mqeqeshi uthe uwubheke ngabomvu umdlalo olandelayo neTshakhuma oqala ngo-3.30, ngeSonto, ekhaya eDobsonville Stadium.
"Kumele kusivuse emaqondeni ukushaywa kwethu. Kumele noma kanjani kolandelayo siwunqobe. Kuzomele siziphindiselele kwiTshakhuma,” kusho uTruter.
Emlenzeni wokuqala weligi iSwallows yanqoba ngo-2-0.
U-Owen da Gama oqeqesha iGalaxy, naye uncome abadlali nakhe nabobonke abasebenzi beGalaxy ngokuba nesandla empumelelweni yeqembu.
"Uma udlala neSwallows kuhlale kuzoba nzima. Seyithole amaphenathi amahlanu noma ayisithupha emidlalweni yakamuva. Nathi besazi ukuthi sizoba enkingeni efanayo. Ngincoma abadlali bami ngokuqhubeka nokulwa nakuba iSwallows bese iyitholile le phenathi. Umdlalo siwuphathe zisuka, ubufakazi wukukhahlelela ipali kashumi esiwombeni sokuqala. Yilokhu engikufuna kubadlali bami. Ngifuna liqhubeke isiko lentshisekelo yokunqoba nokulwa. Wonke umuntu eqenjini, ngisho nabaqopha ama-video, banesandla abasifakile,” kusho uDa Gama.
Kusasa iGalaxy elele endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu awu-22, izovakashela iSuperSport United, eLucas Masterpieces Moripe Stadium, ngo-5 ntambama.