Royal AM (0) 1
Chippa United(0) 0
ABADLALI beRoyal AM bagqibe imibiko yokungenami behlula iChippa United emdlalweni weDStv Premiership eChatsworth Stadium, eThekwini, ngeSonto ntambama.
Igoli leRoyal lishaywe nguVictor Letsoalo kuyiphenathi esiwombeni sesibili.
IRoyal ingene enkundleni ingakaze iwine nowokubika umdlalo kwiPremiership.
Emidlalweni emibili yokuqala yesizini ihlulwe yiSwallows neCape Town City ngokulandelana. Emuva kwemibiko yakamuva yokuba mapeketwane kwezinto ekhempini yeRoyal kubikwe nangabadlali abangaholile, kulo mdlalo abadlali bakhombise ukubhukula, bafaka umfutho bejulukela amaphuzu amathathu.
Lokhu kugqame zibekwa emdlalweni bewuqala ngesivuvu. Nokho ukuphaphama kukanozinti weChippa, uRashid Watenga kwenze izinto zabanzima ekutholeni igoli.
UWatenga wase-Uganda, uchithe ibhola likaNdumiso Mabena ngomzuzu wesibili ephakathi ebhokisini. Kusukela lapho uvimbe amabhola ephindelela, iRoyal AM ingena nxazonke.
Emuva kwemizuzu engu-30 umdlalo uqalile, iRoyal igqemeke engeqiwa ntwala kulimala ukaputeni uMabena. Indawo yakhe ithathwe nguLevy Mashiane.
Esiwombeni sesibili, iRoyal ibuye ngomfutho ofanayo neqale ngawo umdlalo. Kusheshe kwayilungela ngesikhathi ithola iphenathi ngomzuzu ka-49, emuva kokuthi uRiaan Hanamub ebambe ibhola ngesandla ebhokisini.
Ishaywe phakathi nguLetsoalo. Lokhu kulethe injabulo kubaphathi beqembu uShauwn Mkhize nendodana, u-Andile Mpisane, ebebesekundleni ukozokweseka iqembu.
IChippa ikhombise ukuvuka sekungene uPhakamani Mahlambi noRamasimong Maloisane abahluphe iRoyal ngejubane. Nokho iRoyal igcine iphumele ukubambelela, yawacosha womathathu amaphuzu.