ABALANDELI beKaizer Chiefs basebenzise amavoti eCarling Black Label Cup njengethuba elihle lokukhombisa izinguquko abafuna ukuzibona eqenjini labo.
IChiefs izobhekana ne-Orlando Pirates koweCarling e-Orlando Stadium, eSoweto ngeSonto ntambama.
Izikimu kulo mdlalo zisethwa ngabalandeli ngokuvotela labo badlali ababadinga enkundleni.
KwiPirates kubuyise leso sikimu esijwayelekile kwazise akekho noyedwa umdlali obengajwayele ukudlala ngesizini edlule oboshelwe kwabazoqala umdlalo.
KukwiChiefs lapho kubonakale khona izinguquko ezinqala abalandeli bebophela esiswini uLebohang Lesako noSabelo Radebe abasuka esikwatini seDiski nokho abake badlala eqenjini elikhulu ngesizini edlule.
Laba badlali baboshelwe esiswini noNjabulo Blom noKearyn Baccus.
Kugajwe uWillard Katsande, okuvele kunemibiko ethi ukhululiwe emabhukwini eChiefs njengoba kulungiselelwa ukuqala kwesizini ka-2021/2022.
UNkosingiphile Ngcobo naye usalile kodwa kuyobe yingenxa yokuthi usesikwatini sama-Olympic Games esikhishwe ngehlazo esigabeni samaqoqo ngoLwesithathu ntambama.
UNgcobo ungene esuka ebhentshini sekusele imizuzu engaphansi kuka-10 behlulwa yiMexico ngo 3-0 eTokyo.
Kulo nyaka abalandeli bebevotela nabadlali abazobhekana nokukhahlela amaphenathi uma evela kusaqhubeka umdlalo.
KwiChfs nguSamir Nurkovic obevle ezihola eqhulwini, elandelwa nguKhama Billiat no-Itumeleng Khune.
Bobathathu bakhona esikimi esizoqala umdlalo.
KwiPirates kodwa kuyadida ukuthi ngeledlule nguZakhele Lepasa obebekwe eqhulwini labazoyikhahlelela amaphenathi kodwa ekugcineni akangenanga esikimini.
Ubelandelwa nguGabadinho Mhango noHappy Jele. NguMhango kuphela kulabo osesikimi esizoqala umdlalo.
Abadlali abasha ababonwa kwazise bekuvoteka kanzima ngenxa yokuvalwa kotshwala. Ukuvota kuvalwe ngoLwesibili ebusuku.