INHLANGANO yeziqumama zaseSaudi Arabia sezihoshe imfe ekuthengeni iqembu le-English Premier League, iNewcastle United, ngokusho kweSky Sports ngoLwesine ebusuku.
Le nhlangano obekubalwa kuyo inkulumbuso yomnotho waseSaudi Arabia iPIF, PCP Capital Partners and Reuben Brothers kwakubikwe ukuthi ibeke etafuleni u-300 million wopondo (R6.6 billion) ukuthenga leli qembu kusomabhizinisi waseBritain, uMike Ashley.
“Ngokukhula ukubonga umphakathi weNewcastle nokukhetheka kweqembu labo lebhola, sesifinyelele esinqumeni sokuhoxisa intshisekelo yethu ekutholeni iNewcastle United Football Club,” kusho le nhlangano esitatimendeni seSky Sports.
Lezi zindaba zizongehli kahle kubalandeli beNewcastle kwazise bese kunabahlebezi okuthi izindadla eziza nabaSaudi Arabia, abaziwa ngokudla izambane likapondo, bazothenga izilomo zabadlali ezizonyusela leli qembu embangweni wePremier League kanjalo nemiqhudelwano yase-Europe.
Esinye salezi zilomo ebezibalwa nguGareth Bale waseWales, osekunesikhathi engahleli kahle kwiReal Madrid eSpain.