UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uStuart Baxter, nomlingani wakhe kwiMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, banxenxe abathandi bebhola ukuba bagomele ubhubhane, iCovid-19, ukuze uhulumeni ezophoqeleka ukubabuyisa ezinkundleni.
Bobabili laba baqeqeshi bebesesithangamini nabezindaba namuhla ntambama ngaphambi komdlalo wabo obhekwe ngabomvu, weDStv Premiership, ngeSonto ngo-3 ntambama eLoftus Versfeld.
UBaxter noMokwena bebephendula umbuzo ngesimemezelo sakamuva sikaNgqongqoshe wezeMidlalo, uNathi Mthethwa, lapho ebekhuluma khona ngezinhlelo zokubuyisela abalandeli ezinkundleni zaseNingizimu Afrika.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yihhovisi likaMthethwa, emasontweni ezayo kunemikhankaso eminingi ezoqala yokunxenxa abantu ukuba bagomele lolu bhubhane.
Phakathi kwalezi zinhlelo, uMthethwa kulesi sitatimende, uthe bazokhipha mahhala amathikithi emidlalo nawamakhonsathi omculo kodwa azonikwa asebegomile kuphela.
Lesi sitatimende siyakucacisa ukuthi abathandi bakanobhutshuzwayo asebegomile bazovunyelwa maduze ukuthi babuyele enkundleni.
Nakuba singazange sicacise ukuthi lezi zinhlelo zizoqala nini kodwa uBaxter noMokwena bathe leli yithuba elikahle kubathandi bebhola ukuvalela ekhoneni uhulumeni ukuthi ungabinawo amandla okukhiya amasango emidlalweni kanobhutshuwayo.
“Ngizizwe ngihala ngibuka ibhola laphesheya ezinsukwini inkundla igcwele ithe phama, ngacabanga ukuthi kazi lokhu kuyobuya nini kwezethu izinkundla,” kusho uBaxter.
UMokwena uthe: “Abahambe bayogoma ngobuningi babo abalandeli beSundowns ngoba sibakhumbule enkundleni futhi nathi siyazi ukuthi basikhumbule ngendlela efanayo.”
UBaxter uqhube wathi: “Asingabazi ukuthi uhulumeni uzokwenza izinqumo eziphusile ngokubuyela kwabalandeli ezinkundleni ngendlela ephephile kodwa thina abanye asihambe siyogoma sonke ukuze singeke sigcine ngokukuhalela okwenzeka kwi-English Premier League.”
Laba baqeqeshi bakhuluma kanjena nje, uSihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, usanda kuyithinta le ndaba enesithangami nabezindaba ngo-Agasti 18 eGoli.
“Inkinga kunesibalo sabantu esisikalelwe ukuba singadluli kusona ngakho-ke kusenezinkingana ngokubuya kwezintatheli enkundleni kanjalo nabalandeli.
“Kuhle kodwa ngoba nakhu nohlelo lokugoma seluyaqala luyashesha nakuleli, mhlawumbe kukhona nathi la esingasizakala khona ngokubuyela kwabantu ezinkundleni,” kusho uKhoza.