Ezemidlalo Ibhola

Abammeli baphikisana 'nomshado' wePSG noMessi

Published

ULIONEL Messi ngesikhathi evalelisa kwiBarcelona abeyidlalela Isithombe: EPA

XOLILE MPISANE

SEKUSUKE omunye umsindo odabeni lwesilomo sebhola lezinyawo, uLionel Messi, osekhonjwa eseqenjini laseFrance, iSaint Germain (PSG) emuva kokuphela kwenkontileka yakhe neBarcelona yaseSpain.

Lo mdlali ukhihle isililo ngesikhathi evalelisa kuleli qembu laseSpain ngempelasonto njengoba ebehlose ukuqhubeka kulona kodwa kwaphoqa ukuthi limdedele.

Lesi sinqumo sivele ngenxa yemigomo ye-Financial Fair Play neminye imithetho ye-La Liga egade amaholo abadlali.

Le migomo ibhekene nokuvimba amaqembu ebhola ukuthi angaholeli abadlali imali engaphezulu kwengenayo kuwona.

Ngaphambilini besekuyinjwayelo ukuthi amaqembu ahehe abadlali ngezizumbulu zemali, agcine esehluleka ukuyikhokha.

Ummeli waseFrance, uJuan Branco, uthi akaboni ukuthi iPSG ingakwazi ukuholela uMessi njengoba isivele inabadlali abaningi abanamaholo aphezulu.

Leli qembu laseFrance lisanda kusayinisa unozinti uGianluigi Donnarumma, izitobha uSergio Ramos no-Achraf Hakimi, nogijima esiswini uGeorginio Wijnaldum.

"Inkampani yami, imele abalandeli beBarcelona, isifake isicelo kwi-European Commission. Sifuna bakuvimbe ngokusemthethweni ukuthi iParis-Saint Germain isayinise u-Lionel Messi," kusho uBranco esitatimendeni asikhiphe ekhasini lakhe kwiTwitter.

"Uma sibheka imigomo yeFinancial Fair Play, iPSG isesimeni esibi kakhulu uma uyiqathanisa neBarcelona.

"Ngesizini ka-2019/2020, iPSG ibisebenzisa u-99% wemali engenayo ekuholeleni abasebenzi. IBarcelona ibisenzisa u-54%. Ngokubona kwethu lomehluko usumkhulu kakhulu manje."

Kulindeleke ukuthi uMessi ayohlolwa eParis ekuqaleni kwaleli sonto bese emenyezelwa ngokusemthethweni ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.