UKAPUTENI waMaZulu, uMakhehleni Makhaula, ufuna anikezwe umsebenzi ngokugcwele umqeqeshi osabanjisiwe, uBrandon Truter.
UTruter uqashwe wuSuthu ezinyangeni ezimbili ezedlule ezovala isikhala esivuleke ngemuva kokuxoshwa kukaBenni McCarthy obekade esehluleka ukuluwinisa.
Unikwe inkontileka ezophela njengoba kusongwa isizini. Emidlalweni eyisithupha yeDStv Premiership, uTruter ehlezi ebhentshini laMaZulu, awakaze ehlulwe. Uwine emithathu, wadlala ngokulingana kweminye emithathu.
AmaZulu azodlala umdlalo wokugcina wesizini neLamontville Golden Arrows eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Ngesonto elizayo kulindeleke ukuthi abaphathi bathathe isinqumo ngekusasa likaTruter.
"Ungumqeqeshi olungile. Uyambona ukuthi unomoya ophansi. Akayena umuntu okhulumayo njengoBenni obekutshela uma into engayifuni,“ kusho uMakhaula.
“Yena uyambona ukuthi ungumuntu ozithobile kodwa ofuna ukuwina. Naye ukholelwa esitayeleni esifanayo nesikaBenni kodwa kunezinto ezihlukile. Uma ungumdlali kufanele ukwazi ukubamba izindlela ezihlukene zabaqeqeshi. Sisibambe kahle isitayela sikaTruter futhi sesiyambona ukuthi ufunani. Ngingakujabulela ukusebenza naye ngesizini ezayo. Singabadlali sifuna aqhubeke kodwa-ke ngeke wazi kuzokwenzekani. Ngicabanga ukuthi uma singawina umdlalo wethu ngoMgqibelo, konke kuyobe sekulungile. Ngicabanga ukuthi ungumqeqeshi olilungele iqembu," kusho uMakhaula.
Ngaphandle kokuthi uTruter ubheke okuzokwenzeka ngekusasa lakhe, uma enikwa umsebenzi ngokugcwele uhlalelwe yijoka lokunquma ngabanye babadlali abaphelelwa yizinkontileka okukhona kubona uXola Mlambo noSiphelele Mthembu.
UTruter uthe konke kusezandleni zikamengameli weqembu, uSandile Zungu.
"Ngingathanda ukunikwa umsebenzi ngokugcwele. Ngisakuthokozela konke okusenzekile. Ngesekwa ngokuphelele yibona bonke abantu eqenjini. Abadlali bayayilalela imiyalelo yami ngakho ngijabule kakhulu. Uma nginganikwa ithuba, ngingalemukela ngezandla zombili. Umengameli uyakwazi engikufisayo. Lokho sikucacisile ngesikhathi ngifika lapha ukuthi ngiyawufuna umsebenzi. Kodwa kusezandleni zikamengameli,“ kusho uTruter.