USIHLALO woMsinga United, uWelcome Mpanza, uthi abadlali bakhe bakhuthazeke kakhulu kule sizini futhi bazimisele ngokubuyisela iqembu emidlalweni kazwelonke yokuhlunga yeSafa ABC Motsepe League ukulwela ukukhuphukela kwiMotsepe Foundation Championship (First Division).
UMsinga yiwona owawumele iKwaZulu-Natal emidlalweni yangesizini edlule, nosekuwumlando ukuthi waphuma inqina kamabuyaze kule midlalo. Amaqembu agcina ekhushulelwe kwiChampionship, i-Orbit College yaseNorth-West ne-Upington City yaseNorthern Cape.
Nakuba leli qembu laseMsinga lingaphumelelanga ukukhuphukela esigabeni esikhokhelayo kodwa abadlali balo abathathu, uThabani “Mtsiri” Mthembu, uNkululeko “Mankura” Miya noBandile Ndlovu, bakwazi ukuthatha amehlo ezinhloli zeqembu elidlala kwiDStv Premiership, iRichards Bay FC.
UMsinga usayiqale ngonyawo oluhle le sizini njengoba emidlalweni emihlanu esadlaliwe usunqobe emine wahlulwa kowodwa nokuwubeka endaweni yesibili kwi-log ka-Stream B weSafa KZN ABC Motsepe League ngamaphuzu angu-12 ngemuva koMkhambathi FC esaqhwakele phezulu ngamaphuzu angu-15.
UMsinga uzotholana phezulu neRemax Address Friends, eMzisho Stadium, eMsinga, kusasa ngo-3 ntambama.
“Bakhuthazeke kakhulu abadlali bethu kule sizini ngenxa yokubona ozakwabo abebedlala nabo ngesizini edlule bethathwa yiqembu elidlala kwiDStv Premiership.
Bazimisele kakhulu ngokubuyisela iqembu kweyokuhlunga kazwelonke, bagcine bekwazile ukufaka iqembu esigabeni esikhokhelayo seMotsepe Foundation Championship. Ukwenza kahle kwabo kungaphinda kubavulele amathuba njengozakwabo abathathu,” kusho uMpanza.
Uthe nakuba bekhuthazekile abadlali bakhe, kodwa bengabaphathi beqembu ngeke babafakele ingcindezi kanye nomqeqeshi wabo uMpumelelo Mpanza.
“Iqembu lethu linabadlali abaningi abasebancane abeneminyaka yobudala eko-18, omdala kubona uneminyaka engu-20, abalambele impumelelo ebholeni.
Kanti-ke futhi ukuhamba kwabadlali bethu abebengumgogodla eqenjini beya kwiRichards Bay, kufana nokuthi kule sizini siyiqembu elakha kabusha.
Yingakho-ke abadlali singeke sibafakele ingcindezi yokuthi banqobe iligi kule sizini, nomqeqeshi. Kodwa-ke futhi lokho okungasho ukuthi uma iligi ilahlile bazoyiyeka. UMpanza ungumqeqeshi osemncane, obeyiphini likaDoctor Mkhonza oshiyile kuleli qembu ngaphambi kokuqala kwale sizini.
Ngeke simufakele ingcindezi, kuphela nje sizomeseka njengabaphathi kuyo yonke imizamo yakhe nabadlali kule sizini.
Okuhle nje wukuthi uSmart Ndlovu oyinhloko yabaqeqeshi eqenjini, usekhona ngakho uMpanza uncela ulwazi kuyena.”
Imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League:
Stream A:
Kusasa - Ngo-12pm: Asande FC v Summerfield Dynamos (Darnall Field); Mkhumbane Classic v Midlands Wanderers (SJ Smith)
Ngo-3pm: Stone Breakers v Oyzn Academy (UKZN Edgewood Campus Ground); Muzi King Masters v Njampela FC (Darnall Field); Durban Piooners v Hellenic FC (Kihg Zwelithini Stadium).
Stream B:
Ngo-3pm: UMsinga United v Remax Address Friends (Mzisho Stadium); UMvoti FC Drakensburg FC; Chess FC v Ethekwini Coastal (Osizweni Stadium); Newcastle All Stars v Mkhambathi FC (Arbor Park); Titanic v Swayimane United (Umkoomas Bisset Ground).