UMBEKEZELI Mbokazi weChicago Fire yase-USA, ngesikhathi esadlalela i-Orlando Pirates
Image: SIGCINIWE
NAKUBA kukhona abanganeme ngesinqumo se-Orlando Pirates sokudayisa uMbekezeli “TLB” Mbokazi eqenjini lase-United States of America (USA) kodwa bukhona ubufakazi obuphathekayo bokuthi iMajor Soccer League (MLS) ingaba yisitebhisi kulo mdlali waseHluhluwe.
Ngaphambi kokusongwa konyaka odlule, iPirates imemezela ukuthi isivumelene neChicago Fire FC mayelana nokudayiselana uMbokazi obesadlale izinyanga ezimbalwa esikimini sayo esikhulu.
Sekuwumlando ukuthi leli qembu lase-USA liphinde lathatha uPuso Dithejane weTS Galaxy.
Esikhundleni senhlokomo ngokuthola amadlelo aluhlaza kukaMbokazi, kukhona abezwakalise ukungenami ngenxa yezinga leligi ayodlala kuyona. Omunye wabaphumele obala ngumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, okholwa wukuthi iPirates bekumele ilinde amaqembu avela kumaligi ahlonishwayo emhlabeni.
“Yini eyokwenziwa nguMbokazi kwi-MLS ngaphandle kokuthi imenenja yakhe ecabanga ukuthi yazi ibhola imphonse kuleli qembu elingabalwa ngisho kwamakhulu?” kusho uBroos ekuqaleni kukaDisemba.
“Okusobala wukuthi imenenja yakhe ibone imali ezoza kuyona yakhohlwa ngekusasa nokukhula kukaMbokazi. Akulona iqembu elifanele uMbokazi leli!
“Bekumele i-agent yakhe nePirates balinde adlale kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) nakwiNdebe yoMhlaba ukuze ezothola iqembu kwiligi ephezulu."
Ngenxa yale nkulumo kaBroos, kubukeke sengathi i-MLS yiligi yokugugela "yamakhehla" ase-Europe engabafanele abadlali abasafuna ukukhula ebholeni.
Abavumelana noBroos babemeseka ngokuthi abadlali okubalwa kubona uLionel Messi, Luis Suarez noSergio Busquets abadla izicoco neFC Barcelona yaseSpain kodwa asebebheke ukuwaphanyeka emgibeni amakhokho, badlala kule ligi.
Nokho iMLS ikhombisile ukuthi ingaba yisitebhisi kubadlali abasakhula. Kubadlali abathengwe emaqenjini e-MLS bayozenzela igama e-Europe, kukhona uChristian Pulisic we-AC Milan yase-Italy, Alphonso Davies odlalela iBayern Munich yaseGermany noWeston McKennie ongomunye wabagqamile kwiJuventus.
UPulisic ongukaputeni weqembu lesizwe lase-USA, wathathwa yiBorussia Dortmund yase-Germany eseyi-amesha edlalela iqembu lasePennsylvania iPA Classic. Sekungumlando ukuthi ukwiMilan nje, usedlule kwiChelsea FC yase-England.
UDavis osengomunye wabadlali abaphambili emhlabeni, wasuka kwiVancouver Whitecaps yaseCanada, emncane wajoyina inkulisa yeBayern.
Eqenjini elisha likaMbokazi noDithejane, ubufakazi bukuJohn Duran waseColombia owadlala izinyanga kuleli qembu laseChicago, wathengwa yi-Aston Villa ngezindodla zemali.
Sekungumlando ukuthi uDuran, owaqhululayo amagoli, wadlulela kwi-Al Nassr edlalelwa nguCristiano Ronaldo eSaudi Arabia ngaphambi kokumbolekisa kwiFernebache SK yaseTurkey.
Abangaboni njengoBroos bathi leli yithuba likaMbokazi lokuheha amaqembu amakhulu kwazise iNdebe yoMhlaba yangoJuni, eMelika, izodonsa amehlo omhlaba.