UMGADLI weBafana Bafana, uLyle Foster, odlalela iBurnley Fc kwiPremier League yase-England.
Image: FACEBOOK / BURNLEY
INKAKHA yebhola lase-England, uMichael Owen, ikholelwa ekutheni iNingizimu Afrika idinga izinhlelo ezicacile zokuthuthukisa ibhola ukuze kuzokhula isibalo sabadlali abagijima kumaligi aphezulu njengePremier League.
Phambilini, bekunabadlali bakuleli abebenza ezibukwayo e-England, okubalwa kubona uLucas Radebe, Benni McCarthy, Steven Pienaar noQuinton Fortune.
Njengamanje iNingizimu Afrika imelwe ngumgadli weBurnley, uLyle Foster, kwiPremier League.
Eminyakeni embalwa edlule, uPercy Tau ubesemabhukwini eBrighton and Hove Albion kodwa uhlale isikhashana, wadayiselwa i-Al Ahly yase-Egypt.
U-Owen, owadlalela iLiverpool neManchester United e-England neReal Madrid eSpain, uthe i-Afrika ihlezi ikhiqiza abadlali bebhola abasezingeni eliphezulu kodwa kudingeka izinhlaka ezifanele ukuqinisekisa ukuthi abanekhono bayahlolwa futhi bathuthukiswe kusenesikhathi.
"Kunzima ukusho ukuthi yini inkinga kubadlali baseNingizimu Afrika ngoba angikabi nalo ulwazi olunzulu ngebhola lakuleli. Kungenzeka ukuthi kunabadlali abahle lapha abangabonakali. Esikwaziyo ukuthi abadlali base-Afrika benze umehluko omkhulu kwiPremier League eminyakeni edlule futhi bayisiza ukuthi ibe kuleli zinga,” kusho u-Owen.
“Ngiyethemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi iNingizimu Afrika izokhiqiza abadlali abaningi. Baningi esibaziyo abaqhamuka lapha abaduma kwiPremier League. Okwamanje kukhona uLyle kwiBurnley kodwa ngiyazi ukuthi nifuna nabanye bafinyelele khona.
"Abadlali badinga ukuthuthukiswa besebancane. Ngeke uqale phansi upheke umdlali oneminyaka engu-16. Ukuze ube ngumdlali webhola ophelele udinga ukuqala uneminyaka eyisithupha kuya kweyisishiyagalombili ubudala. Kuwuhlelo olude."
INKAKHA yase-England uMichael Owen ibona ukuthuthukiswa kwabadlali besebancane kuwukhiye ekutheni bagcine bedlala kumaligi amakhulu emhlabeni.
Image: THULIGRAPHY IMAGES
Emasontweni adlule umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uthe ukukhula kweqembu lesizwe kuncike ekubeni nabadlali abaningi abagijima phesheya kumaligi aphezulu.
U-Owen uphinde waphawula ngobunzima abanye abadlali ababhekana nabo uma befika ezweni elisha kodwa ukholwa wukuthi izinto sezingcono kakhulu uma kuqhathaniswa nakudala.
“Abanye abantu bajwayela kalula, bakwamukele ukuba sezweni elisha. Abanye bayahluleka ukujwayela indlela entsha yokuphila, ukudla, ukukhuluma ulimi olusha, isimo sezulu nokunye,” uqhube kanje.
“Ngesikhathi ngisemncane ibhola lalihluke kakhulu uma ufika kwelinye izwe kodwa kulezi zinsuku indlela elidlalwa ngayo ithi ayifane emhlabeni wonke. Lokho kufanele kwenze izinto zibe lula kubadlali kodwa-ke zikhona nezinye izinto ezenza umehluko ngaphandle kwenkundla.”
U-Owen ubekhuluma emcimbini lapho ethulwe khona njengenxusa elisha lenkampani yokubheja iHollywoodbets obuseGreyville, eThekwini, ngoLwesithathu ntambama.
Related Topics: