Ezemidlalo Ibhola

Luyasuka ushikishi lokuvikela iNedbank kwiChiefs

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGEZIKHATHI ezimnandi ngesizini edlule kwiKaizer Chiefs engakaxoshwa uNasreddine Nabi ophethe inkomishi yeNedbank

Image: SIGCINIWE

IKAIZER Chiefs izokwazi kusasa ukuthi yiliphi iqembu elizoba ngelokuqala ukuma endleleni yayo ebheke ekuvikeleni isicoco seNedbank Cup esidle kwi-Orlando Pirates ngesizini edlule.

Lesi sicoco seChiefs sibe mqoka kwazise besiqeda indlala yezinkomishi ebisijuqe Amakhosi iminyaka engu-10.

Izolo, iPremier Soccer League (PSL) iqinisekise usuku nesikhathi sokuqhathwa kwamaqembu azogadulisana kwi-Last 32 yalo mqhudelano emcimbini ozoba kusasa ngo-6.30 ntambama, eSandton, eGoli.

Ngokohla lwemidlalo ye-PSL kwisizini ka-2025/2026, iKe Yona izoqala ngoFebhuwari 4 lapho amaqembu angu-16 eBetway Premiership ezoqhathwa khona nayisishiyagalombili eMotsepe Foundation Championship namanye ayisibalo esifanayo avela kuma-amesha.

Njengoba iBafana Bafana ingaseyona ingxenye ye-Africa Cup of Nations (Afcon) kulandela ukuphuma kwayo kwi-Last 32 emasontweni adlule, abathandi bebhola laseMzansi abasakwazi ukulinda ukuthi kubuye lokhu abakujwayele.

Ngaphambi kweNedbank Cup, kuzoqala imidlalo yeligi ngoJanuwari 20.

Nakuba iChiefs ingawuvalanga kahle unyaka kodwa kayikho kude ne-Orlando Pirates okusongwe unyaka iqhwakele.

Amabamba eChiefs uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze abanawo uphawini wokungadluli kwi-Last 32 yeNedbank kwazise lo mqhudelwano sekuyiwona wodwa osele uma kukhona leli qembu laseNaturena elifuna ukukufaka ekhabetheni ngaphandle uma lidla isicoco seligi ngoMeyi 23 nonyaka.