Ezemidlalo Ibhola

Kuzodudulana iNyakatho neNtshonalanga kwi-Afcon

Xolile Mpisane|Published

I-EGYPT enejoka lokuqeda ishobolo leminyaka ingayinqobi i-Africa Cup of Nations, ingelinye lamaqembu amabili aseNyakatho azodlala kowandulela owamanqamu.

Image: BACKPAGEPIX

IMIDLALO eyandulela owamanqamu ye-Africa Cup of Nations ka-2025 izophinde igcizelele ukukhonya kwamazwe aseNtshonalanga naseNyakatho ne-Afrika ebholeni lakuleli zwekazi eminyakeni yakamuva.

Osokhaya iMorocco kanye kanye ne-Egypt yibona abathwele amathemba esifunda esiseNyakatho, kuthi iNigeria neSenegal bamele esiseNtshonalanga.

Kwagcina ngeZambia ngo-2012, ukuthi ompetha base-Afrika bangaqhamuki eNtshonalanga noma eNyakatho.

Umdlalo wokuqala owandulela owamanqamu ozodlalelwa eTangier kusasa ngo-7 ebusuku, uzobe uphakathi kweSenegal ne-Egypt.

ISenegal yaba ngompetha okokuqala ngesikhathi iguqisa i-Egypt kumaphenathi ngo-2021. 

Iza kahle kulo mqhudelwano kwazise ayikakanqotshwa futhi emidlalweni emithathu ishaye amagoli amathathu umdlalo ngamunye. Yize idlule ngo 1-0 kwiMali kuma-quarterfinal kodwa ikhombisile ukuthi iqinile emuva kwazise isangenelwe amagoli amabili emidlalweni emihlanu. 

I-Egypt yilona lizwe elihamba phambili ngezicoco eziyisikhombisa ze-Afcon kodwa sekuneminyaka yagcina ukuyiphakamisa le ndebe, okuyinto eyandisa ingcindezi esizukulwaneni samanje. 

Emidlalweni edlule kwi-Afcon yanonyaka, leli qembu likhombisile ukuthi liyakwazi ukudlala ngezindlela ezihlukene okuhlanganisa ukuhlala emuva nokumaka nokuhlasela ngesivinini uma isimo sivuma. 

Linabadlali abashisayo phambili okubalwa kubona uMohamed Salah no-Omar Marmoush kodwa kuzodingeka likhuphule izinga emuva ukuze limelane nobungozi beSenegal.

Komunye umdlalo ozobanjelwa eRabat, kusasa ngo-10 ebusuku, iNigeria izotholana phezulu nosokhaya iMorocco.

IMorocco yilona qemu laseNyakatho elithwelwe ngeqoma, hhayi ngoba lidlalela ekhaya kuphela kodwa ngendlela elidlale ngayo emidlalweni edlule.

I-Atlas Lions isangenelwe yigoli elilodwa emidlalweni emihlanu, okwenzeka ibambana neMali ngo 1-1 kowamaqoqo. Uma kuhlanganiswa lokhu nokuthi inabadlali basesiswini nabaphambili abasefomini njengoBrahim Diaz  no-Ayoub El Kaabi kwenza ibukeke iyizwe elihlose ukuba ngompetha base-Afrika okokuqala kusukela ngo-1976.

Nokho, ngeke kube lula ukuthi iMorocco izingenele kowamanqamu kwazise iNigeria nayo ifike kwazwakala kwi-Afcon yanonyaka, nakuba isanda kuphoxwa ukwehluleka ukungena eNdebeni yoMhlaba yanonyaka.

Amazwe amaningi ahlulekile ukumelana nendlela iSuper Eagles ehlangana ngayo ngokushesha uma iya phambili, iholwa ngabadlali okubalwa kubona u-Akor Adams, Ademola Lookman noVictor Osimhen.

Indlela imidlalo eyandulela owamanqamu emi ngayo, isho ukuthi kungenzeka le mpi phakathi kweNtshonalanga neNyakatho iqhubeke nakowamanqamu, noma indebe igcine isibangwa ngamazwe angandawonye.