UMDLALI omusha weMamelodi Sundowns uMonnapule Saleng.
Image: X / MASANDAWANA
KUTHUKE iningi labalandeli bebhola bakuleli iMamelodi Sundowns imemezela ukuthi isayinise obengumdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uMonnapule Saleng.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ujoyine amaSandawana ngemuva kweminyaka emine esemabhukwini eZimnyama.
Amanye amaqembu aseke wawadlalela yi-Orbit College, aqala kuyona, iFree State Stars neMoroka Swallows ake abolekiswa kuyona.
USaleng wagqama kakhulu ngesizini ka-2022/23 ngesikhathi edlala indima enkulu kwiPirates, eshaya amagoli futhi ephakela ozakwabo emidlalweni yeligi, yeMTN8 neyeNedbank Cup.
Ukwenza kahle kwakhe kwaholela ekutheni athole imiklomelo yeMTN Last Man Standing neMTN Last Man Standing neDStv Premiership Players’ Player of the Season.
Nokho, akazange alithole ijezi esigamini sesibili ngesizini edlule wabolekiswa eqenjini lakhe lakudala, i-Orbit College, ekuqaleni kwale sizini.
Ushaye amagoli amabili waphinde waba nesandla kwamathathu kuleli qembi elingomakoti kwiBetway Premiership ngaphambi kokuthi athengwe yiSundowns.
Related Topics: