UPITSO "Jingles" Mosimane
Image: BACKPAGEPIX
NAKUBA elokhu ebhebhetheke njalo amahlebezi okuthi uPitso “Jingles” Mosimane usendleleni ebuyela kwiMamelodi Sundowns kodwa kunzima ukuziba impi eqhubeka enkantolo phakathi kwababhekele izindaba zalo mqeqeshi obalwa nabaphambili eNingizimu Afrika naleli qembu laseChloorkop.
Indaba kaMosimane yokubuyela kwiSundowns iqiniswa wukungashabalali kwamahlebezi akhomba ukuthi uMiguel Cardoso uzokhonjwa indlela maduze.
Akukho nokho osekushiwo yiSundowns ngoCardoso. Kuma-vidiyo aqoshwe ejimini ngesikhathi leli qembu libuya emaholidini, uCardoso uyabonakala eqhubeka nomsebenzi wakhe njengenjwayelo.
UMosimane ongenalo iqembu aliqeqeshayo okwamanje, washiya kwiSundowns eminyakeni eyisithupha edlule esehlale kuyona eyisishiyagalombili lapho aqoqa khona cishe zonke izicoco okuhlanganisa nezinhlanu zeligi.
Lo mqeqeshi owasuka kwiSundowns waya kwi-Al Ahly yase-Egypt, akagcinanga ngokudla isicoco eMzansi neSundowns kodwa wayiphendula isikhondlakhondla sebhola lase-Afrika ngokuyiwinisa iCaf Champions League ngo-2016.
Kwavela ukuthi ushiye kwiSundowns sekumuncu phakathi kwakhe nabaphathi bayo. Lokhu kwalandelwa wukufakwa kwakhe enkantolo nenkampani ephethe izindaba zakhe, i-MT Sports eholwa ngunkosikazi wakhe, uMoira Tlhagele. ISundowns yayifuna ukuthi uMosimane akhokhe imali engu-R8 million owakhokhwa yileli qembu kwiMT Sports njengoba lo mqeqeshi wayishiya, wajoyina i-Al Ahly yase-Egypt esanda kuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emine ngo-2020. ISundowns ivunwe yinkantolo iSouth Gauteng nyakenye kodwa iMT Sports yanquma ukuludlulisela phambili udaba.
Ngokuthola kweSolezwe icala kufanele lingene ngoJanuwari 14.
Lolu kungase kube yilona usuku lapho ligcina lifezeka khona iphupho likaPtrice Motsepe okuthiwa ufuna uMosimane abuyele kwiSundowns.
Ngeke kwethusa nokho ukubuyela kukaMosimane kwiSundowns kwazise nabalandeli bayo abaningi bayazifela ngaye kodwa kubukeka sengathi kumele akhethe kwazise umataniswa nemisebenzi eminingi.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-61, usanda kuveza ukuthi uwugaqele umsebenzi wokuqeqesha iBafana Bafana uma sekudlule iNdebe yoMhlaba engoJuni kwazise uHugo Broos uzobe esethathe umhlalaphansi.
NakwiKaizer Chiefs igama likaMosimane kalisali uma kukhulunywa ngabaqeqeshi abangalibuyisela emgqeni ngokushesha leli qembu laseNaturena eliphekwa amabamba, uCedrc Kaze noKhalil Ben Youssef.