Ezemidlalo Ibhola

Unoziti weBafana ucacisa ngokwenza bashintshe isitayela

Mthokozisi Mncuseni|Published

ABADLALI beBafana Bafana okubhekwe ukuthi babhincisele nxanye iCameroon kwi-Afcon ngeSonto ebusuku

Image: BACKPAGEPIX

UNOZINTI weBafana Bafana ongakalitholi ijezi, uRicardo Goss, uphumele obala ngokwenza leli qembu lesizwe kube sengathi akulona leli elijwayelekile njengoba kuqhubeka i-Africa Cup of Nations (Afcon) eMorocco.

UGoss ubekhuluma nabezindaba ngaphambi kokuthi iBafana ibhekane neCameroon emdlaweni we-Last ye-Afcon ozoba ngeSonto ngo-9 ebusuku e-Al Medina Stadium, eRabat.

Kusukela kuqale umqhudelwano kunokungeneliseki ezingxenyeni zabalandeli beBafana ngendlela edlale ngayo kusukela kuqala u-Group B walo mqhudelwano obune-Angola, Zimbabwe ne-Egypt.

Sekuwumlando ukuthi iBafana iqoqe amaphuzu ayisithupha eqoqweni ngokunqoba kwi-Angola nakwiZimbabwe, yakhala ngaphansi kwi-Egypt.

Isithunzi seBafana efike naso kwi-Afcon senza amaqembu aqinise ngokuphindiwe kulokhu uma edlala nayo ngokubona kukaGoss kodwa lo nozinti uyakholelwa ekutheni asikho isikhathi sokuhlikihla ibhola njengoba umqhudelwano usukuleli zinga okulona.

“Siyaqonda ukuthi akuyona indlela yethu yokudlala ejwayelekile esiyisebenzisa kusukela sifike eMorocco kodwa okusemqoka wukuthi sidlala ngendlela okufanele kudlalwe ngayo vele emqhudelwaneni,” kusho uGoss.

“Siyazi ukuthi siyakwazi ukulidlala ngendlela ehlabahlosile kodwa emqhudelwaneni okusemoqoka wukuthi uwinile yini yingakho sidlalela ukushaya amagoli hhayi okunye.

“Siyaqonda ukuthi amaqembu aseqinisa nakakhulu uma ebhekene nathi yingakho siya kwiCameroon ngawo wonke amandla esinayo.

“Uma kudingeka amandla angaphezulu kwalwawa esinawo abadlali ngabodwana sizowahlanganisa sonke ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika idlulela kuma-quarterfinal,” kusho uGoss.

Lo nozinti ubanga ijezi nokaputeni uRonwen Williams noSipho Chaine we-Orlando Pirates.