Ezemidlalo Ibhola

UMbatha weluleke iBafana ngokudlulisa ‘eyokuxhoshwa’ kwi-Afcon

Mthokozisi Mncuseni|Published

UTHALENTE Mbatha weBafana Bafana obona kuzobasiza ukushesha bayidlulise indlela abashaywe ngayo yi-Egypt emdlalweni ka-Group B we-Africa Cup of Nations (Afcon)

Image: SIGCINIWE

UKUGXILA kokwenzeke emdlalweni we-Egypt ngeke kuyisize iBafana Bafana osekumele ibaguqise kumnyama kubomvu omakhelwane, iZimbabwe, kowokusonga u-Group B we-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubekayo eMorocco.

Lokhu kushiwo nguThalente Mbatha odlale isiwombe sokuqala ngesikhathi iBafana iguqa ngo 1-0 wephenathi kaMo Salah kwi-Egypt ngoLwesihlanu e-Adrar Stadium.

Nakuba ihlukene imibono kubantu bakanobhutshuzwayo ngendlela iBafana eshaywe ngayo kulo mdlalo kodwa uMbatha ubona kungeke kusasiza ngalutho ukugxila kulokho njengoba bemelwe yiZimbabwe ngoMsombuluko ngo-6 ntambama, eMarrakech Stadium.

Okukhalise abantu yiphenathi etholwe yi-Egypt, unompempe ayikhombe emlotheni emuva kokuthi isandla sikaKhuliso Mudau sishaye uSalah ebusweni bebanga ibhola ebhokisini. Isigameko sesibili esishiye abantu beshaqekile senzeke sekuyophela umdlalo ngesikhathi umdlali we-Egypt evimba ibhola ngesandla ebambalela phansi ebhokisini. Unompempe uqale wanika iBafana i-free kick, emuva kwesikhathi eside wayobhekisisa kwi-VAR ukuthi akuyona yini iphenathi kodwa wabuya ibhola walinika i-Egypt.

“Ngeke kusasiza kangako ukunaka okwenzekile yize kubuhlungu kodwa osekusifanele manje wukuhlelela ngendlela efanele iZimbabwe esingangabazi ukuthi izozama konke okusemandleni ayo ukusithwalisa kanzima,” kusho uMbatha kwaSABC.

“Ngoba singabantu, kusinengile okwenziwe ngunondweba ngoba ubizelwe kwi-VAR kade enike thina i-freekick kodwa wabuya eselinika i-Egypt ibhola.

“Nakuba sicasukile kodwa kufanele sisheshe sikudlulile okwenzekile ngoba ngeke kusashintsha. Esisengakuguqula wumphumela omuhle okufanele siwuthole kwiZimbabwe ngoMsombuluko,” 

Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, naye ubekhala ngephenathi emuva komdlalo.

“Kwayena uSalah uvumile ukuthi kumethusile ukuthi banikwe iphenathi ngendlela abanikwe ngayo,” kusho uBroos.

“IFifa isinemithetho eminingi ngamaphenathi ngisho onondweba bayo abasazi ukuthi kufanele bathathe ziphi izinqumo. Esiwombeni sokuqala i-Egypt ibingcono kodwa kwesesibili iBafana iyona ebingcono.

“Iphenathi yokuqala bekungeyona kodwa eyesibili bekuyiyona. Yilezo zinqumo zombili ezikhombe lapho kuye ngakhona amaphuzu."

IBafana inamaphuzu amathathu emuva kwemidlalo emibili okuzokwenza iZimbabwe enephuzu ifike eMarrakech izethemba ngokwazi ukuthi isenalo ithuba lokuqeda endaweni yesibili kwazise i-Angola nayo enephuzu iqeda ne-Egypt okuhlale kunzima ukuyishaya.