Ezemidlalo Ibhola

Igcagcele esokeni iBafana ivula ngewini kwi-Afcon

Mthokozisi Mncuseni|Published

U-LYLE Foster oshayele iBafana Bafana igoli lokuwina ngesikhathi ibhekene ne-Angola emdlalweni wokuvula we-Africa Cup of Nations (Afcon) eMorocco, izolo ebusuku

Image: BACKPAGEPIX

Bafana Bafana (1) 2

Angola (1) 1

BALALE kuqhilika izihlathi abathandi bakanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika kulandela ukuqala ngegiya eliya phambili kweBafana Bafana emdlalweni wokuvula ka-Group B we-Africa Cup of Nations (Afcon) ngokunqoba kwi-Angola izolo ebusuku, eMarrakech Stadium, eMorocco.

Le wini yamagoli ka-Oswin Appollis noLyle Foster ikhulule iBafana ukuthi iye emdlalweni wesibili weqoqo ne-Egypt ngoLwesihlanu, ngokukhululeka e-Agadir.

Umdlalo uqale kahle kuyiBafana edlala ngokukhululeka, nangempela lavela igoli ngonyawo luka-Appollis ngomzuzu ka-21.

Esikhundleni sokwehlisa i-Angola, kube sengathi iqala phansi emuva kwegoli leBafana, yathola amathuba amaningi kodwa kwalamula uRonwen Williams obevimbele ezikaHugo Broos.

Ligcine livelile igoli lokulinganisa le-Angola ngonyawo lukaManel Show sekuzoyiwa ekhefini. Zibuye uBroos esekhiphe uMohau Nkota, wafaka uTshepang Moremi oshaye igoli laphikwa yi-VAR.

Ngaphambi komdlalo, uBroos ubalule ubumqoka bokuqala ngonyawo oluhle ukuze bengeke baqhubeke neqoqo sekunomnqamlezo wokuthi uma benganqobi kwi-Egypt sebesengcupheni yokuphuma ekuseni.

“Sesigcine sifikile isikhathi ebesisilindele sonke lapho siqala khona uhambo olubheke ekwenzeni kangcono kunendondo yethusi esabuya nayo e-Ivory Coast,” kusho uBroos ngaphambi komdlalo kwaSuperSport.

“Isifiso esikhulu wukudlula endaweni yesithathu kodwa siyaqonda ukuthi kunzima kangakanani ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano kwazise ubophele abadlali abasatshwayo e-Afrika.

“Konke esikufisayo kulele ekutheni siyanqoba noma siyazithambisa kwi-Angola engingangabazi ukuthi izofuna ukuziveza ngathi."

Kuphinde kwaqapheleka ukwehlisa kweBafana esiwombeni sesibili kwaze kwaba uFoster ubuyisela leli qembu lesizwe ebuhleni ngomzuzu ka-79.

Emuva kwegoli, iBafana iphumuze u-Appollis noSipho Mbule kwangena u-Elias Mokwana noBathusi Aubaas ngenhloso yokukhonka esiswini.

Komunye umdlalo odlalwe izolo, ku-Group A, iMali ibanjwe yiZambia ngo 1-1 eCasablanca. Sishicicele ungakapheli umdlalo wesibili kaGroup obuphakathi kwe-Egypt neZimbabwe.