SEKUBALWA izinsuku ngaphambi kokuthi iBafana Bafana idumelane ne-Angola emdlalweni wokuqala wamaqoqo we-Africa Cup of Nations.
Image: BACKAPAGEPIX
UKHIYE weBafana Bafana wokwenza kangcono kunendondo yethusi eyabuya nayo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) yase-Ivory Coast ngo-2023, ulele ekutheni iwunqobe kumnyama kubomvu umdlalo wokuqala ka-Group B ne-Angola ngoMsombuluko ngo-6 ntambama, eMarrakech Stadium, eMorocco.
Lona ngumbono woqweqwe lomqeqeshi wonozinti kwiBafana, uGrant Johnson, awutshele abezindaba ngaphambi kokuthi bafulathele iNingizimu Afrika, babheke eMarrakech.
UJohnson owayesebhentshini njengomqeqeshi wonozinti ngo-1996, ngaphansi kobuholi bukaClive “The Dog” Barker, ongasekho emhlabeni, ufisa leli qembu lesizwe likuphinde elakwenza eminyakeni engu-30 edlule.
Nakuba efisa kanjalo lo nozinti owadla izicoco neManning Rangers ne-Orlando Pirates ngokwahlukana esengumdlali kodwa uyazi ukuthi ngeke kubelula.
IBafana iqala ne-Angola kuleli qoqo eliqukethe i-Egypt engompetha base-Afrika amahlandla ayisikhombisa eholwa nguMo Salah weLiverpool yase-England, nomakhelwane abahlale njalo beyiphela endlebeni kwiBafana, iZimbabwe.
IBafana engayazi induku emidlalweni engu-26, iqala lo mqhudelwano isefomini emangalisayo kwazise yagcina ukushaywa yiMali, kowokuqala weqoqo le-Afcon yase-Ivory Coast.
“Siyakholelwa ekutheni isikwati sethu sibunjwe ngesinono esanele ukuthi singenza kangcono kunendondo yethusi yango-2023, e-Ivory Coast, kodwa konke kulele ekutheni siqala ngaluphi unyawo,” kusho uJohnson.
“Sinawo amava okulihamba lonke ibanga kodwa ukhiye ulele ekutheni senzenjani kwi-Angola. Kasiwuboni omunye umphumela ofanele ngaphandle kwewini.
“Lokhu kuzosinika amandla okuqhubeka nomqhudelwano ngokuzethemba nokuzosisiza ukuthi sidlale ngokukhululeka. Umdlalo we-Egypt kufanele usifice kungekho okusimpintshile.
“Uma kungenzeka konke lokhu, nakanjani sinalo ithuba lokulihamba lonke ibanga,” kufunga uJohnson.
Ukuzaca uma kuziwa ngakwisipiliyoni akuyona into ekhathaza ithimba labaqeqeshi beBafana eliholwa nguHugo Broos, ngokusho kukaJohnson.
“Isikwati sibunjwe ngabadlali abayazi ukusuka nokuhlala i-Afcon ezindaweni ezimqoka njengakunozinti, abadlali ababili basemuva, abasesiswini ababili nomgadli oyedwa.
“Zonke lezi ezinye izindawo zivalwe ngabadlali abancane abazofika nomfutho, umqondo omusha namaqhinga izitha ezizobe zingawalindele.
“Sineme ngendlela uRonwen (Williams) alihola ngayo iqembu ngaphakathi nangaphandle kwayo inkundla.
“Konke kukithina, Abadlali bawulungele umqhudelwano. Sesikwenze konke obekufanele sikwenze ukuzihlomisa ngolwazi ngezitha.
“Osekusele wukuthi sinqobe umdlalo we-Angola yize singakungabazi ukuthi uzobe ulukhuni,” kusho uJohnson.