IZITOBHA ze-Orlando Pirates, u-Olisa Ndah (kwesokunxele) noLebone Seema (maphakathi), ebeziyibambe emuva noThabiso Sesane koweCarling Cup.
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usenezinhlelo ngekusasa leqembu ngaphandle kwesitobha uMbekezeli Mbokazi, nokuyinto ebonakale ngesikhathi ezakhe ziguqisa iCarling All Stars ngo 2-0 kwiCarling Cup eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
UMbokazi udlale okokugcina kweZimnyama ngesikhathi zinqoba iMarumo Gallants ngo 1-0 kowamanqamu eCarling Knockout emasontweni amabili edlule kwqazise usesayine inkontileka neqembu lase-United States, iChicago Fire.
Ukushiya kwakhe sekuvule isikhala kwazise ufike wazinza eqenjini ngesikhathi eqala ukudlala esikimini esikhulu ngoMashi nonyaka.
Okuzosiza ukuthi kungazweli kakhulu ukuhamba kwalo mdlali eqenjini lase-Orlando ukubuya kwezitobha ezimbili ezidlale isikhathi eside zingadlala ngenxa yokulimala, u-Olisa Ndah noThabiso Sesane.
Bobabili bawuqalile umdlalo wangoMgqibelo ne-All Stars, bebambisene noLebone Seema, okunguyena obesejwayele ukudlala noMbokazi noma uNkosinathi Sibisi maphakathi emuva.
“Bekubalulekile kithina njengabaqeqeshi nakubona njengabadlali ukuthi babuyele enkundleni futhi badlale kahle,” kusho u-Ouaddou. “Sineqembu elikhulu futhi kunzima kimina ukukhetha ngoba ngikwzi ukuqalisa abadlali abangu-11 kuphela.
Mhlawumbe uma uGianni Infantino, umengameli weFifa, engashintsha imithetho akhuphule isibalo sabadlali abavumelekile enkundleni kungaba ngcono. Bayazi ukuthi babaluleke kakhulu kimina. Basebenza kanzima uma siziqeqesha, sixhumana kahle nabo futhi bazosisiza emidlalweni esele kule sizini.”
Ukudlalisa uSesane, Ndah noSeema ndawonye emuva emdlalweni wangoMgqibelo kuvumele ukuthi abayibamba ezinhlangothini, uDeon Hotto noDeano van Rooyen, bahlasele kakhulu, nokuyiqhinga elingayisebenzela iPirates kweminye imidlalo.
Related Topics: