UKAPUTENI weZimbabwe okubikwa ukuthi ulimele, uMarshall Munetsi
Image: SIGCINIWE
IBAFANA Bafana izowudlala ibanjelwe umdlalo ka-Group B we-Africa Cup of Nations (Afcon) neZimbabwe kulandela izindaba ezivela e-England, zokulimala kwesinye sezethenjwa zaleli qembu lesizwe, uMarshall Munetsi, esidlalela iWolverhampton Wanderers egijima kwi-English Premiership.
Lezi zindaba okufanele ukuba zibehle ngaphezulu abathandi bakanobhutshuzwayo eZimbabwe, zivezwe ngumqeqeshi weWolves, uRob Edwards, eqinisekisa ukuthi lo mdlali uthinteke kabi bebhekene neNottingham Forest kwiligi ngasekuqaleni kukaDisemba.
Ngokusho kuka-Edwards, babezitshela ukuthi yinto encane kodwa muva nje bathole ukuthi isimo sibucayi kakhulu kunalokhu abebezitshela khona nokudala ungabazane ngamathuba kaMunetsi e-Afcon.
UMunetsi owake wadlala kwi-Orlando Pirates ulimala nje, ungesinye sezethenjwa kuleli qembu lesizwe eliseqoqweni leBafana okukhona kulona i-Angola ne-Egypt.
Lo mdlali ulimala nje, noWalter Musona ngeke akekho esikwatini se-Afcon seZimbabwe ngenxa yakho ukulimala kanti uKhama Billiat ushiywe ngaphandle ngenxa yokwehlelwa yifomu.
IBafana neZimbabwe abasanda kubhekana kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba, bazotholana phezulu ngoDisemba 29 ngo-6 ntambama.
Kungenzeka nezikaHugo Broos zifike eMorocco zingasaphelele kulandela ukungawuqedi umdlalo weFCSB kukaSiyabonga Ngezana osohlwini lwalo mqeqeshi.
UNgezana uthinteke edolweni edlalela iqembu lakhe laseRomania, i-FCSB, libhekene neDynamo Bucuresti emdlalweni weLa Liga yakuleliya lizwe.
“Idolo likaNgezana livuvukele kodwa okwamanje ngeke siphumele obala ngokuthi uzolulama nini,” kusho uMihai Stoica ongesinye sezikhulu zeFCSB kwi-website yaleli qembu.
Nakuba kubajwe umoya ngalesi sitobha kodwa uBroos ngeke aphathwe yikhanda kangako kwazise kubadlali acuphe ngabo okukhona uThabiso Moloisane weStellenbosch FC noGrant Kekana oseluleme.
Kuvamisile ukuthi abadlali abamqoka balimale ngemidlalo yabo yokugcina emaqenjini ngaphambi kwemiqhudelwano emikhulu ikakhulukazi abadlala e-Europe ngaphambi kwe-Afcon.
Related Topics: