NGUMQEQESHI weStellenbosch FC, uSteve Barker, ojabulela ukuqala kweCaf Confederation Cup
Image: BACKPAGEPIX
UKUQALA kwemidlalo yamaqoqo yeCaf Confederation Cup kungase kube yiwona umjovo odingwa ngabadlali beStellenbosch FC ukuze bezokhumbula ukuthi okwenzeka kubona kwiBetway Premiership wukuqhuzuka nje okungafanele bakufake emakhanda.
Lawa ngamazwi enhloko yabaqeqeshi kwiStellenbosch, uSteve Barker, esanda kuwasho kulandela ukuqala isizini ngebatha osekubeke leli qembu nasengcupheni yokugencwa yizembe kulokhu phezu kokuba liqede endaweni yesithathu ngedlule.
Emidlalweni yeligi engu-12, iStellenbosch esendaweni ka-14 isanqobe emibili, yadlala ngokulingana kwemithathu, yakhala ngaphansi kweyisikhombisa.
Osekwenzeke kwiStellies kusukela kuqale isizini, akekho obecabanga ukuthi kuzokwenzeka kwazise leli qembu liqede isizini edlule libalwa nahlonishwayo ngenxa yemiphumela egcine ilibuyisela kwiConfederation Cup.
Kuliqiniso ukuthi isikhathi sisavuma ukuthi iStellenbosch ishintshe ukuqalaza kwiligi kodwa uBarker ubona ukuqala kweyamaqoqo yeConfederation League njengethuluzi ebelidingeka.
IStellies izoqala amaqoqo ne-Otoho d’Oyo yaseCongo-Brazzaville, ngeSonto, ekhaya.
Ngesizini edlule, iStellenbosch imangaze i-Afrika ngokugcina ishaywe yiSimba FC yaseTanzania kowandulela owamanqamu weConfederation Cup ekubeni ibiqala ngqa ukuyidlala.
Konke okuhle okwenzeke endleleni yeStellenbosch kwiConfed Cup ngesizini edlule, uBarker ubona kudingeka ukuze abadlali bezozikhumbula ukuthi yini abakwazi ukuyenza.
“Engikwazi ngeStellenbosch wukuthi ibunjwe ngabantu abangaliphonsi ithawula ngisho ngabe impi isinzima kangakanani kusukela kubaphathi, abaqeqeshi, abadlali kuze kuyofika kubalandeli,” kusho uBarker ethimbeni labezindaba leStellenbosch.
“Kusobala ukuthi kukhona okungafuni ukuhlangana kwiligi kusukela siqalile ngakho-ke ukubuyela e-Afrika, kungase kube yiwona umjovo esiwudingayo ukuze kuzobuya ukuzethemba kwethu.”
“Sonke siyaqonda ukuthi sisendaweni engasifanele kodwa futhi kasikuqageli ukuthi akukho okuzosikhipha kulolu bishi esikulona ngaphandle kwezithukuthuku zethu."
Kusele imidlalo emibili yeligi (Orbit College nePolokwane City) nemibili yeConfed Cup (Otoho d’Oyo yaseCongo neSiginda Black Stars yaseTanzania) ngaphambi kokuba kuyiwe ekhefini lemidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoqhubeka eMorocco, kuze kube wunyaka ozayo.