Ezemidlalo Ibhola

Kuyohlomula iBafana ngamaphutha Amajimbos kweyoMhlaba: Khumalo

Mthokozisi Mncuseni|Published

VELA KHUMALO

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

ZIYOHLOMULISA iBafana Bafana yakusasa izifundo ezitholwe Amajimbos ngesikhathi eguqiswa yiJapan emdlalweni we-Last 32 weNdebe yoMhlaba yabesilisa abaneminyaka engaphansi kwengu-17 eZone Complex, eQatar.

Lawa ngamazwi omqeqeshi waMajimbos, uVela Khumalo, awatshele abezindaba kulandela ukuguqa kwezakhe ngo 3-0 wamagoli wonke angene esiwombeni sesibili ngoMgqibelo, eDoha.

Amajimbos aqophe umlando ngeledlule ezifaka kwi-Last 32 ngokulala isibili kuGroup A okuwaqhathe neJapan, eqede phezulu kuGroup B.

Ngesikhathi uKhumalo ekhuluma nabezindaba, ubonge ukwesekwa ngabantu baseNingizimu Afrika kusukela besahlanganisa isikwati njengoba sebeze bagcina bephumile kwiNdebe yoMhlaba. 

“Besingawunqoba umdlalo we-Last 32 ukuba amathuba esiwakhile siwasebenzise ngendlela, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala,” kusho uKhumalo.

“Eqinisweni, unozinti weJapan nguyena obekufanele aqokwe njengomdlali ovelele ngoba besifika kaningi kuyena. Esiwombeni sesibili senze iphutha elincane sajeziselwa lona.

“Kuthe kungangena leli goli saqala saxhamazela. Lokhu bekudalwa wukuthi sesifuna ngenkani elokulinganisa obekusishiya sivulekile emuva, kwayilapho kuqhamuke amanye amagoli eJapan.

“Lezi yizifundo esizohamba nazo sibuyele ekhaya. Okuhle ngazo wukuthi zitholwe ngabadlali beBafana bakusasa. Amaphutha esiwenze kulo mqhudelwano kufanele siqinisekise ukuthi ngeke siwaphinde sonke (abadlali nabaqeqeshi).

“Akufanele sidikibale ngenxa yalo mphumela kepha kumele simunce lonke ulwazi esilutholile, siludlulisele nakwabanye, bese sizama ukugwema amaphutha afanayo ngokuzayo uma sithola amanye amathuba kwiNdebe yoMhlaba."

Izinhlelo zalo mqhudelwano kazizange zihambe ngendlela uKhumalo ayefisa ngayo, kwazise ikhempu yaphazamiseka kaningi ngenxa yezinkinga ezibhekene neSouth African Football Association (Safa).

Nabadlali uKhumalo ayefisa ukuhamba nabo kulo mqhudelwano akazange abathole bonke kwazise amanye amaqembu agolozile ukudedela, ecasha ngezaba eziningi ezahlukene.