Ezemidlalo Ibhola

UCardoso neqhinga lokudambisa iminjunju yeCarling

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, obona kuzobasiza ukusheshe bakwamukele ukuthi nakulokhu ibashwebile iCarling Knockout

Image: ITUMELENG ENGLISH

UKUSHESHA kweMamelodi Sundowns ukwamukela ukuthi bekungeyona eyayo iCarling knockout Cup nakule sizini kuzosiza leli qembu laseChloorkop ukuthi liqale iCaf Champions League ngomqondo ohluzekile.

Lesi yiseluleko somqeqeshi, uMiguel Cardoso, akhulume ngaso kwabezindaba emuva kokuphoxeka kwezakhe zikuwashiswa ijezi ekuseni yiMarumo Gallants kulo mqhudelwano abashaywa kuwona yiMagesi FC kowamanqamu ngezinini edlule.

ISundowns ezobuyela enkundleni ngo-17 Okthoba, ngomdlalo womlenze wokuqala wesigaba sesibili sokuhlungela esamaqoqo seChampions League neRemo Stars yaseNigeria, iguqe ngo 7-6 kwiGallants sekukhahlelwa amaphenathi kwi-Last 16 yeCarling ngoMgqibelo ebusuku, eLucas Moripe Stadium, eTshwane.

Ukushaywa kweSundowns yiMagesi ngesizini edlule, kulandelwe wukuxoshwa kukaManqoba Mngqithi, kwaqashwa uCardoso. 

Nakuba uCardoso ezishaya isifuba ngokuthi iqembu lakhe beliwuphethe umdlalo ngisho selishoda kodwa kudlalwe kwaze kwafikwa emaphenathini lingaboni ngalapho kugxunyekwe ngakhona amapali.

“Akekho ongangiphikisa ekutheni iSundowns ibizele ukuzodlala enkundleni yaphikwa yinhlanhla kodwa iGallants ibizokwenza okunye kodwa yavunywa yinhlanhla,” kusho uCardoso.

“Unobhutshuzwayo unakho ukuklomelisa laba abasuke bezele enkundleni ukuzokona umdlalo. Sikwenze konke ebesingakwenza kwaphika khona.

“Kuzosisiza ukuthi sisheshe sikwamukele ukuthi nakule sizini le nkomishi sizoyishweba. Lokhu kuzosinika isikhathi esikahle sokuhluza umqondo njengoba siqala umqhudelwano omqoka maphakathi nenyanga."

Lo mqeqeshi wasePortugal okunemvunge ngaye ezingxenyeni ezithile zabalandeli beSundowns, uphawule nangomdlali uMiguel Reisinho okhishwe ngekhadi elibomvu emdlalweni wakhe wokuqala.

UReisinho naye wasePortugal, ungene esiwombeni sesibili kodwa wakhishwa ngekhadi elibomvu emuva kokudlalisa kabi uSiyabonga Nhlapo weGallants.

“Akukho engingakusho ngoReisinho ngaphandle kokwamukela ukuthi ube nebhadi emdlalweni wakhe wokuqala. Okwenzeke kuyena besingaqali ukukubona ngakho-ke uzonikwa ithuba elanele lokuzijwayeza kwazise konke kusekusha kuyena.

“Ngisho singasaphelele umdlalo besiwuphethe ngokukhululeka kwaze kwaba kufezeka iphupho leGallants lokufika emaphenathini,” kusho uCardoso.