TSHEGOFATSO MABASA
Image: Isithombe:ORLANDO PIRATES
UKUBA sethubeni lokuphula irekhodi lokuhlohlwa kwamagoli eselime iminyaka kwi-Orlando Pirates kukaTshegofatso Mabasa, kuwumvuzo walo mgadli wokuba nenhliziyo emnene.
Lokhu kushiwo ngumqeqeshi wakhe kweZimnyama, u-Abdeslam Ouaddou, emuva kokuba lo mgadli engene esiwombeni sesibili washaya igoli lesibili ngesikhathi behlula iTS Galaxy ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesibili ebusuku.
Leli goli obekungelika-50 likaMabasa kwiPirates kuyona yonke imiqhudelwano, limenza asale ngayisishiyagalombili kuphela kuBennedict “Tso” Vilakazi okunguyena ohamba phambili emlandweni waleli qembu ngokubhakuzisa inethi amahlandla angu-58.
UVilakazi wadlalela iPirates phakathi kuka-1999 no-2007, okuzitolika ngokuthi leli rekhodi lakhe selihlale iminyaka engu-18.
Kusobala ukuthi uma uMabasa eqhubeka nefomu ayikhombisa kule sizini maningi amathuba okuthi kusongwe isizini sekunguyena ozihola phambili ngokuhlohlwa kwamagoli emlandweni weZimnyama.
Emuva komdlalo, u-Ouaddou ojabulele igoli likaMabasa nabadlali waze wakhohlwa wukuthi usewumuntu kadokotela, utshele abezindaba okuningi ngalo mgadli amchaze njengomunye wabanenhliziyo emhlophe kunabo bonke aseke wabalolonga.
“Ngiwumqeqeshi ogcwele injabulo ngoba ukufika kukaMabasa kumagoli angu-50 kuwumvuzo wokuzimisela kwakhe ukufaka isandla kunoma ngabe yini edingwa yiqembu kuyena,” kusho u-Ouaddou.
“Sonke siyazi ukuthi ngasekuqaleni kwesizini ubengalitholi ijezi kodwa lokhu bekumngamvimbi ekusizeni ozakwabo noma ngabe ingani ekubeni ejimini ungomunye wabazimisela ukubedlula bonke.
“Uma kukhulunywa ngendlela yokuziphatha yomdlali webhola elikhokhelayo kusuke kushiwo uMabasa. Uwusizo kozakwabo uma bemdinga ekubeni nguyena futhi ozihola phambili ngamancoko.
“Unenhliziyo emnene. Sebebaningi abadlali ngibaqeqesha, ikakhulukazi abagadli kodwa akekho ongenawo umona nonenhlizyo emnene ukudlula ekaMabasa.
“Kunezikhathi lapho engivimba khona noma sengifuna ukumfaka ngoba ebona sengathi lo osuke esenkundleni (Makgopa) usenomdlalo omuhle okuyinto ongeke uyithole ndawo kumgadli emhlabeni."