Ezemidlalo Ibhola

Owe-Chiefs usifuna eNaturena isicoco seCarling Knockout

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGUCEDRIC Kaze ongomunye wabaqeqeshi ababambe kwiKaizer Chiefs osifuna eNaturena, isicoco seCarling Knockout

Image: BACKPAGEPIX

UKUQEDA indlala yezinkomishi yeminyaka kweKaizer Chiefs ngesizini edlule, akusho ukuthi abalandeli bazosonga izandla noma leli qembu laseNaturena lishaya udaka, liphume ekuseni kwiCarling Knockout elizoyivula neStellenbosch FC ngeSonto ngo-3 ntambama, eCape Town Stadium.

Lesi yisexwayiso okuzwakale sengathi sibheke kubadlali esikhishwe ngumqeqeshi, uCedric Kaze, ekhuluma nabezindaba izolo, eGoli.

IChiefs idle iNedbank Cup kwi-Orlando Pirates ngesizini edlule obekuyethula umthwalo kwazise ibisiyinhlekisa ebholeni laseNingizimu Afrika ngenxa yokuqeda iminyaka ilambatha. 

Ngokubona kukaKaze, ngabe bazigwaza ngowabo uma bengaya kwiCarling ngokuzithambisa ngoba bebuswa wukuthi abalandeli ngeke baphoxeke kakhulu kwazise basanda kuqukula.

“Ngifisa ukuthi bekungaba wusizo ukuba siye kulo mdlalo singacindezelekile ukuwuwina ngoba sisanda kufaka iNedbank ekhabetheni,” kusho uKaze obambe noKhalil Ben Youssef.

“IChiefs yiqembu elikhulukazi e-Afrika ngakho-ke kufanele ibalwe nasembangweni yayo yonke imiqhudelwano minyaka yonke. Kwakubalulekile ukuqeda indlala yeminyaka kodwa lokhu akuzange kusinike igunya lokuzithambisa ngoba abalandeli beChiefs ngeke bakwamukele lokho."

UKaze uxwayise ngokungayeli ngobuso iStellenbosch ngenxa yendlela eliyiqale ngayo isizini leli qembu eliphekwa nguSteve Barker.

Ngaphandle kokuqala kabi kweStellies, iChiefs iyazenzela kuyona emidlalweni yakamuva kwazise sekuvele kwenzekile lapho ezikaBarker zaguqa khona ngo 2-0.

“Akusasho lutho konke osekwadlula njengoba siqala lo mqhudelwano esingananazi ukuthi sifuna ukulihamba lonke ibanga kuwona. Imiqhudelwayo ike ibe yithuluzi lokujika izinto uma kungahambi kahle kwiligi. Bonke abadlali bayakhululeka okuzoba yinkinga kithina uma sikuvumela," kusho uKaze.