UMDLALI wasesiwini weKaizer Chiefs u-Ethan Chislett ongase abonakale okokuqala edlubhe umfaniswano waleli qembu
Image: KC/Facebook
ENYE yezinduku ezintsha zeKaizer Chiefs osekunesikhathi ilindiwe, u-Ethan Chislett, ingase ibonakale okokuqala idlubhe umfaniswano waleli qembu laseNaturena emdlalweni weBetway Premiership elizowudlala naMaZulu FC namuhla ngo-7.30 ebusuku e-FNB Stadium, eNasrec.
Lokhu kuvezwe ngelinye lamabamba abaqeqeshi kwiChiefs, uKhalil Ben Youssef, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngezinhlelo zeChiefs zokubuyisela inqola emgqeni.
Amakhosi abalwa namaqembu angene agamanxa emakethe yabadlali lapho evuke khona nezinduku ezintsha ezingaphezulu kuka-10.
Ngenxa yokulimala abafike nakho nokuvinjwa ngamacala afakwe amaqembu abo akudala, kunabadlali beChiefs okuze kube yimanje abakabonakali okubalwa kubona u-Asavela Velebayi, Luke Baartman abavinjwe yiCape Town Spurs no-Etiosa Ighodaro noLebohang Maboe bona ababanjwe wukulimala.
Omunye ofike lilikhulu isasasa ngaye nguNhlakanipho Shinga ongakabonakali ngenxa yokulimala. Uma kuzoya ngokwamagama kaBen Youssef, abathanda iChiefs bangase babone uChislett elihlikihla okokuqala.
UChislett ongowokuzalwa eThekwini kodwa iChiefs emthole kwiPort Vale yase-England, angase aboshelwe kulo mdlalo iChiefs okumele iwunqobe noma kanjani kwazise igcine ukuwina oweligi ngo-Agasti 30.
AmaZulu FC abalwa namaqembu ayedlalelwa wubaba ka-Ethan, uDonovan Chislett, ngaphambi kokuwagaxa emgibeni.
“Ngenxa yokungabuyi ngesikhathi ebesilindelekile kwabadlali abebenokuthinteka okuncane, maningi amathuba okuthi siye kowaMaZulu neqembu elifanayo naleli esidlale ngalo oweCaf Confederation Cup,” kusho uBen Youssef.
“Sisiqaphe ngalokho isimo sabadlali nendlela esibasebenzisa ngayo ngenhloso yokugwema ukulimala okungenasidingo kodwa kulokhu angase abonakale enkudleni uChislett.
“Yebo sibhekene naMaZulu esaziyo ukuthi azosinika ubunzima kodwa siyakholelwa ekutheni singawunqoba umdlalo uma bonke abadlali bezinikela ngendlela elindeleke kubona.
“Konke esikwenzayo sibeka impilo yabadlali phambili, ngakho-ke kungase kube nguChislett nomunye oyedwa kuphela abashintshwayo esikwatini esidlale odlule ngoba omunye umqondo usemdlalweni neStellenbosch FC ongeSonto."
Ezinye ezimnandi kwabeChiefs ngalo mdlalo wukuthi uKhanyisa Mayo oqale ngegoli kodlule weligi bebhekene neMarumo Gallants, kulindeleke ukuba awuqale nowoSuthu.