KUYETHEMBISA ngoThemba Zwane ngokuba kwakhe yingxenye yeBafana Bafana ezodlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eMorocco, ezinyangeni ezizayo
Image: MS/Facebook
KULOKOZA inhlansi yethemba ngokuthi uThemba “Mshishi” Zwane angene esikwatini seBafana Bafana esiya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eseMorocco, ngasekupheleni konyaka.
Lezi zindaba okufanele ukuba zehla kahle kubona bonke abathandi bakanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika, ziphume emlonyeni wenhloko yabaqeqeshi kwiSundowns, uMiguel Cardoso.
UZwane (36) akadlali kwiSundowns ngenxa yokulimala kwakamuva okuyikhona futhi okuphoqe ukuba umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, amshiye ngaphandle esikwatini sakhe azoqoka kusona esizobhekana neZimbabwe neRwanda ngokwahlukana kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
Izinkinga eziningi zikaZwane ziqale ngasekupheleni konyaka odlule lapho elimale khona umsipha ohlanganisa isihluzu nezithende bebhekene neCongo-Brazzaville emdlalweni wokuhlungela i-Afcon.
Kusukela lapho, sekwenzeke kwaze kwaba amahlandla amabili ukuthi uZwane abuye kwiSundowns kodwa aphinde athinteke.
Lokhu kuphoqe uBroos ukuba aze aphumele obala ngokungenami kwakhe ngendlela iSundowns emsebenzisa ngaye lo mdlali amchaze njengethuluzi lakhe elimqoka.
Inkulumo kaCardoso nabezindaba emuva kokwehlula iRichards Bay koweBetway Premiership, ilokozise inhlansi yethemba ngokungena endizeni ebheke eMorocco kwalo mdlali oteketiswa ngelikaMshishi.
“Ngiyazi wonke umuntu umanqika ngokuthi uZwane angabe eseluleme ngokwanele yini ngesikhathi se-Afcon. Impendulo yami ithi maningi amathuba,” kusho uCardoso.
“Ngalokhu kangisho ukuthi kuzoba njalo kepha kuyethembisa uma sibheka isimo singabaqeqeshi. Kusemqoka nokungagxili kangako kuyena ukuze ezolulama kahle naye angazizwa sengathi siyamjaha.
“Ubelimele yena kepha bekungekubi kangako. Bonke ubuhle obuza nokuba khona kukaZwane enkundleni ngabe kwiSundowns noma kwiBafana, maningi amathuba okuthi bubonakale ungakapheli unyaka.
“Usebenza ngokuzikhandla kodwa okuhle kakhulu yindlela umzimba wakhe okwamukela ngayo ukwelashwa."
Lezi zindaba kufanele zehle kahle kuBroos okufanele ngabe sesisemqondweni wakhe isikwati aya ngaso kwi-Afcon kanti lo mqeqeshi waseBelgium, akafihli ukuthi kukhona umlingo ongabibikho kwiBafana uma engekho uZwane.