Ezemidlalo Ibhola

U-Ouaddou uxwayisa abePirates ngokuzithwala

Mthokozisi Mncuseni|Published

UTSHEGOFATSO Mabasa ongomunye wabagadli be-Orlando Pirates okufanele baqhubeke nefomu ukuze kufezeke iphupho lomqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou

Image: BACKPAGEPIX

UMUZWA wokuhamba ngohlelo kwezinto ekhempini ye-Orlando Pirates kulezi zinsuku ngokwahlukana kwemiqhudelwano akafuni bawufake ekhanda abadlali bakhe u-Abdeslam Ouaddou waseMorocco, oqeqesha leli qembu.

Emuva kwempumelelo encomekayo esigabeni sokuqala kweyokuhlungela isigaba samaqoqo kwiCaf Champions League, iPirates izobuyela enkundleni ngoweBatway Premiership ezowudlala ne-TS Galaxy namuhla ngo-7.30 ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.

Isiqalo sika-Ouaddou kwiPirates kasizange simenzele izinto zibelula kwazise washaywa yiSekhukhune United neMarumo Gallants imidlalo ilandelana kwiBetway Premiership.

Emuva kwaleyo miphumela ibinkulu imvunge ngalo mqeqeshi kodwa obekusobala wukuthi abaningi abalandela iBucs bamqhathanisa noJose Riveiro obeyisithandwa sabo ngaphambi kokungayivuseleli inkontileka yakhe ngesizini edlule.

Sekuwumlando ukuthi u-Ouaddou udlule kwiMamelodi Sundowns endleleni yakhe yokuyovikela isicoco seMTN8 iBucs esisidle amahlandla amane kulandelana.

Kumqoka nokho ukuqaphela ukuthi kusukela iPirates ishaywe yiGallants kwiligi ngo-Agasti 13, ayiyazi induku emidlalweni eyisishiyagalolunye kwiligi, kwiMTN8 nakwiCaf Champions League.

Emidlalweni eyidlale emuva koweMarumo ngokwahlukana kwemiqhudelwano, iBucs ishaye amagoli angu-18, yangenelwa amabili kuphela. 

“Ukubukeka sengathi izinto zihamba kahle kungaba nomthelela ongemuhle kubadlali uma izingqondo zabo zingekho endaweni efanele,” kusho u-Ouaddou sakuxwayisa ngesikhathi ekhuluma nabezindaba muva nje.

“Kumqoka ukuzithoba ngaso sonke isikhathi, sihloniphe konke okusizungezile. Njengoba izinto zisahamba kahle kulapho kufanele singazikhukhumezi khona kakhulu kepha sihlale ekuqinisekiseni ukuthi lo muzwa esiwuzwayo kawusishiyi ngokuhamba kwesikhathi.

“Konke obekumele sikwenze kwiChampions League siyaziqhenya ngendlela esikwenze ngayo. Sekuyisikhathi sokubuyela kwiligi nakhona okungafanele siqhuzuke kwazise asiqalanga kahle."

Kumqoka ukuthi iPirates iwaqoqe wonke amaphuzu engawathola kusemanje kwazise isazohamba iyogxila kweChampions League okuzokwenza isale ngemuva emidlalweni yeligi. 

U-Ouaddou uxwayisa kufanele ngoba iGalaxy ingelinye lamaqembu ayiqale kahle isizini okufakazelwa yindawo encomekayo yesithupha ehleli kuyona kwi-log nanokuthi ibhabhadise AmaZulu FC ngo 3-1 kowayo weligi odlule.