Ezemidlalo Ibhola

UCardoso akawuvali umlomo ngowasePortugal osayine kwiDowns

Mthokozisi Mncuseni|Published

KUTHENJISWA umlingo kuMiguel Reisinho (ogqoke okumhlophe) okungasensuku zatshwala amenyezelwe njengomdlali omusha weMamelodi Sundowns

Image: AFP

KUBONA bonke abadlali abadabuka e-Europe abake balihlikihla kwi-Premier Soccer League (PSL) kusukela yasungulwa ngo-1996, akekho osezingeni likaMiguel Reisinho wasePortugal, oseqede konke neMamelodi Sundowns.

Lona wumbono kaMiguel Cardoso oyinhloko yabaqeqeshi kwiSundowns awuveze kulandela ukukhala ngaphansi kweqembu lakhe okokuqala kule sizini koweligi lishaywa yiLamontville Golden Arrows ngoLwesithathu, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

Ngokusho kukaCardoso, sekusele kwiSundowns ukuthi imemezele uReisinho emthole engenaqembu kwazise wagcina ukubonakala enkundleni kwiBoavista yasePortugal, ngonyaka odlule.

Ngesikhathi uCardoso elandisa abezindaba ngemuva kokuguqiswa yi-Arrows, uveze eyobunzima iSundowns ebhekane nabo ngesikhathi izama ukusayinisa uReisinho.

“Ngikholwa wukuthi konke sekusele kwiSundowns ukuthi imemezele uReisinho njengomdlali wayo omusha kodwa bekunzima ngenxa yokuthi uhlobo lwabadlali oluphambili njengaye kunzima ukuluheha nge-Afrika,” kusho uCardoso.

“Ngeke ngikufihle lokhu kodwa nasemlandweni we-PSL, akekho umdlali wase-Europe oseke wadlala kuyona ofika kuReisinho uma kuzoyiwa ngokwezinga."

UCardoso ucacisile nokho ukuthi uReisinho noNuno Santos naye wasePortugal obonakale okokuqala kowe-Arrows, kabazele ukuzovala isikhala sikaLucas Ribeiro.

“Angikholwa ukuthi singasivala isikhala sikaRibeiro ngoba ikhono lakhe kalijwayelekile kodwa mhlawumbe laba abafikayo bazobangcono ngokudlala, ngokuhlangana nenqembu kunokugqama ngabodwana,” kusho uCardoso.

Nakuba lo mqeqeshi wasePortugal ekhuluma ngale ndlela ngenduku yakhe entsha engakamenyezelwa kodwa kushiya imibuzo ukuthi njengoba uReisinho eneminyaka engu-26 kungani isadlalele iBoavista kuphela esigabeni esikhulu sebhola lasePortugal?

UReisinho ochazwe njengomdlali wasesiwini kodwa ohlaselayo, udlalele iBoavista kwaze kwaba ngu-2025 amahlandla angu-77, wayishayela amagoli ayisishiyagalombili.

Ngokweqembu lesizwe lo mdlali ophuma emndenini wabadlali bebhola, usabonakale ku-U/20 nalapho adlala khona kanye.

Baningi abadlali base-Europe asebedlalele amaqembu ahlukene kwi-PSL okubalwa kubona u-Alje Schut waseNetherlands owadlala kwiSundowns kusuka ngo-2012 kuya ku-2015, Roland Putche wase-Austria (Cape Town City 2016-2020), James Keene wase-England (Bidvest Wits neSuperSport United 2016-2019) noSamir Nurkovic waseSerbia owafikela kwiKaizer Chiefs kodwa osedlale nakwiRoyal AM, TS Galaxy neSuperSport ngaphambi kokuphenduka iSiwelele FC asemabhukwini ayo.