USALE engenelisekile ngokugcwele umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, yize iqembu lakhe liqale ngonyawo oluhle kwiCaf Champions League
Image: BACKPAGEPIX
NAKUBA i-Orlando Pirates ivule imidlalo yokuhlungela eyamaqoqo yeCaf Champions League ngewini ka 3-0 kwiLioli FC yaseLesotho kodwa umqeqeshi wayo, u-Abdeslam Ouaddou, usale enganeme ngokugcwele.
IBucs izibule lo mqhudelwano oyigugu kuyona kusukela yawunqoba ngo-1995, ngamagoli amabili kaTshegofatso Mabasa nelika-Oswin Appollis ngoMgqibelo, eToyota Stadium, eFree State.
Ngokuka-Ouaddou, obekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, isibalo samathuba alula ayekwe yiqembu lakhe simenze wagcina engasenakho ukuthula enhliziyweni.
“Siqale kahle kodwa kungaba yiphutha ukuzitshela ukuthi sesidlulele emzuliswaneni olandelayo ekubeni kusekhona umdlalo womlenze wesibili,” kusho u-Ouaddou.
“Konke obekufanele sikwenze ngendlela njengokuhlonipha uhlelo lwethu sikwenze kahle kodwa angeneme ngenqwaba yamathuba esiwayekile, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.
“Kusemqoka nokubalula ukuthi okunye okungahambanga kahle bekudalwa yizinhlelo zezitha. Okube kuhle ngomdlalo wukuthi iLioli ayizange ihlale emuva kepha isinike umdlalo.
“Esiwombeni sesibili kubengcono sesifake abadlali abanejubane ngoba nebhola bese sabelena ngalo kangcono. Yebo ngiyakhala ngamathuba kodwa lisekhona ithuba lokulungisa ngowomlenze wesibili."
U-Ouaddou kumele ashintshe umqondo wabadlali ngokushesha kwazise bazobhekana neSiwelele FC koweBetway Premiership kusasa ngo-7.30 ebusuku, eFree State Stadium.
Lo mqeqeshi owafika eMzansi ezopheka iMarumo Gallants, uthe ujabule ngefomu kaMabasa njengoba imidlalo isiqala ukuthothana.
UMabasa ubengomunye wabadlali ababukeka bengekho ezinhlelweni zika-Ouaddou kodwa uyamsebenzisa kweyakamuva.
“Sihlale phansi noMabasa okusisize kakhulu saqonda nendlela afuna ukudlaliswa ngayo. Kusobala ukuthi udlala kangcono uma kukhona omunye umdlali omphakela ibhola eduze kwakhe.
“Lokhu kusinika umqondo ohlukile kunejwayelekile njengoba sibuyela kwiligi maphakathi nesonto.
“UMabasa ungesinye sezikhali esizodla ngazo kule sizini kwazise nemiqhudelwano esiyingxenye yayo miningi ngakho-ke sizobadinga besefomini bonke abadlali abasemabhukwini ePirates,” kusho u-Ouaddou.