Ezemidlalo Ibhola

Ababanjiswe ‘itoho’ kwiChiefs nejoka lokugwema ihlazo

Mthokozisi Mncuseni|Published

CEDRIC KAZE

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

ABAQEQESHI ababili ababanjiswe amatomu kwiKaizer Chiefs njengoba ihlukana noNasreddine Nabi, bamelwe yijoka lokugwema ihlazo lokushaywa imidlalo emithathu ilandelana emiqhudelwaneni eyahlukene kule sizini. 

Amakhosi aye kwiSekhukhune United maphakathi nesonto eledlule kungekhona ukuthi kawayazi induku kwiBetway Premiership futhi ebengakaze angenelwe yigoli.

Isibhaxu seSekhukhune esibuyisele kwamhlaba iChiefs, isithole emdlalweni obe ngowokugcina kaNabi osekuqinisekisiwe ukuthi uyahlukana naMakhosi. 

UYoussef Ben Khalil noCedric Kaze yibona abebehleli ebhentshini ngesikhathi iChiefs iqala ngenduku ka 1-0 ekuhambeni kowokuhlungela isigaba samaqoqo kwiCaf Confederation Cup ibhekene neKabuscorp S.C.P yase-Angola, ngempelasonto eLuanda.

Emuva komdlalo, uKaze uzwakalise ukungethuki ngalokhu, wathembisa nokuthi bazokwenza kangcono ngempelasonto ezayo.

“Kunokuba namahloni engingakuqondi okukhonjiswe ngabadlali kodwa iqiniso wukuthi bekungayiwa ekhefini sesihamba phambili ngenqwaba ukube siwasebenzisile amathuba esiwakhile,” kusho uKaze.

“Senze iphutha ngokuvumela izitha ukuthi zidlale ibhola lazo ngama-freekick namabhola amade kodwa nalapho bezingeyona ingozi ngaphandle kwegoli.

“Nakanjani kowomlenze wesibili sizokwenza kangcono kodwa kumele silungise izinqumo esizithatha uma sesisebhokisini lezitha. Asikungabazi ukuthi sizokwenza kahle kowomlenze wesibili,” kusho uKaze.

Laba baqeqeshi abafika noNabi ngasekuqaleni kwesizini edlule, banejoka lokugwema induku okwesithathu kulandelana njengoba bezobe bebhekene neMarumo Gallants koweligi kusasa ngo-5 ntambama, e-FNB Stadium, eSoweto.

Ngaphambi komdlalo weSekhukhune, abalandeli beChiefs bebeshayela phezulu kwazise iqembu labo belingathintwa yize kusemqoka ukubalula ukuthi imidlalo eliyinqobile kwiligi kube ngegoli elilodwa ngaphandle kweStellenbosch FC abayishaye ngo 2-0 ingasaphelele.

Nakuba iChiefs ikhombise izimpawu zokucasha ngesitatimende esikhiphile ngesimo sayo noNabi kodwa lo mqeqeshi ubesevele eqinisekisile kwabezindaba bangakubo eTunisia, ukuthi akaseyona ingxenye yaleli qembu.