Ezemidlalo Ibhola

USuthu lubheke umnyakazo weChiefs ngolumthathe kwiSpurs

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMDLALI waMaZulu FC angakamsebenzisi uLiam Bern esekwiCape Town Spurs ngesikhathi ibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weligi ngesikhathi leli qembu lisagijima esigabeni esikhulu

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI waMaZulu FC u-Arthur “10111” Zwane uphumele obala ngokuthi balinde ukubona okuzokwenziwa yiKaizer Chiefs ngabadlali ebathole kwiCape Town Spurs ngaphambi kokunquma ngoLiam Bern abamthole kuleli qembu laseKapa.

UBern usayiniswe AmaZulu emuva kokugawulwa yizembe kweSpurs kwiMotsepe Foundation Championship ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. IChiefs itape u-Asanele Velebayi noLuke Maartman ebethule emasontweni adlule emuva komdonsiswano wamacala kwiPremier Soccer League nakwiSouth African Football Association (Safa).  

Ngokwemithetho elawula ibhola laseNingizimu Afrika, kayibe isasebenza inkontileka ephakathi kweqembu nomdlali uma kukhala izembe kwiMotsepe Foundation okusho ukwehlela kuma-amesha.

Bobathathu laba badlali elingangatshazwa ithalente labo, abakaze babonakale enkundleni ngoba iSpurs isaqhubeka nezinkantolo (Safa Appeals Board) ngenhloso yokubabuyisela kuyona kumbe ababafunayo bakhiphe imali, hhayi ukuthi bahambe bhusende njengoba kwenzeka.

Abazazi zonke bathi icala leSpurs lingase lingene lingakapheli isonto lapho kuzocaca khona ngokuzokwenzeka ngabo.

Kuyavela nokuthi uBern ufuna iDespute Resolution Chamber (DRC) yePSL imkhulule emaketangweni eSpurs njengoba yenzile kuVelebayi noBaartman okuzongena icala lakhe kuleli sonto. 

Ngesikhathi uZwane ekhuluma nabezindaba izolo ekuseni ePrincess Magogo Stadium, uthe akanawo amaningi ngendaba kaBern ngoba nabanye abakabadlalisi abadlali babo.

USuthu luzokwamukela iStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership kusasa ngo-7.30 ebusuku kule nkundla eKwaMashu ngaphandle kukaBongani Zungu noRyan Moon abalimele.

“Umdlali (Bern) ukhona ufithi futhi uziqeqesha ngokugcwele yikhona nje ukuthi ngeke simsebenzise singakaboni ukuthi abanye (abathole abadlali kwiSpurs) benzani ngababo,” kusho uZwane emamatheka.

“Akithina sodwa esikulesi simo, ngakho-ke akukho esizokwenza singakaboni ukuthi abanye benzani. Yilokho kuphela engingakusho ngesimo sikaBern.

“Okungixukuza ugebhezi okwamanje wukuthi sizoyivimba kanjani iStellenbosch esingakaze siyishaye emidlalweni eyisithupha edlule ngokwahlukana kwemiqhudelwano.

“Okungehli kahle wukuthi cishe kuyona yonke imidlalo abasishaya kuyona siyaziyekela amathuba, bese besingcwaba ekugcineni ngaphandle kowodwa lapho basithola khona sibuthaka basilobola ngo 5-0."