USIPHESIHLE Ndlovu weKaizer Chiefs ulindele ukuthi aqhubeke nokujabula kanje noma sebebhekene neSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership
Image: BACKPAGEPIX
UMDLALI omusha weKaizer Chiefs, uSiphesihle Ndlovu, ukuchaze njengesibusiso ukuqondana kokusayina kwakhe nokuqala ngonyawo oluhle kwaleli qembu laseNaturena, kule sizini yeBetway Premiership.
UNdlovu ongomunye wabadlali abangaphezulu kwabangu-10 iChiefs eqinise ngabo, ukusho lokhu esithangamini nabezindaba izolo, lapho Amakhosi ebelungiselela khona ukwamukela iSekhukhune United koweligi namuhla ngo-7.30 ebusuku e-FNB Stadium, eNasrec.
IChiefs neSekhukhune babalwa namaqembu okubukwa wona kusukela kuqale imidlalo yeligi kwazise kawayazi induku emidlalweni yeligi. Elinye yiMamelodi Sundowns enyukele esicongweni se-log yePremiership ngemuva kokuxebula iMagesi ngeSonto.
Emidlalweni yokuqala emihlanu, iChiefs neSekhukhune bawine emine, kowodwa badlala ngokulingana. La maqembu asendaweni yesibili lapho ebambene khona ngamaphuzu angu-13 lilinye.
UNdlovu oseyidlale yomihlanu imidlalo yeChiefs washaya negoli, uthe kwakuvele kuyisifiso sakhe ukudlalela iChiefs. Baya koweSekhukhune bekuqonda ukuthi lesi kuzoba ngesinye sezivivinyo okuzofanele bakhombise ngazo ukuthi bazimisele ngokuhlala esicongweni.
“Nakuba ngingeke ngande ngamaningi kodwa uhambo lwami olubheke kwiChiefs selunesikhathi lwaqala yize lungazange lube yile ndlela engangicabanga ukuthi luzoba yiyona,” kusho uNdlovu ephawula ngokufika kwakhe eqenjini alichaze njengayevele efisa ukulidlalela.
“Kwesinye isikhathi akubalulekile kangako ukuthi ugcine ufike kanjani la ufisa ukufika khona kodwa okusemqoka wukuthi ufikile njengami kwiChiefs.
“Ukufika kwami kwiChiefs kukwenza kwehle kamnandi ukuthi siqale kahle kule sizini. Indlela esiqale kahle ngayo ingenza ngigqugquzeleke kakhulu ekufakeni isandla ekusizeni iqembu."
UNdlovu akabungabazi ubunzima beSekhukhune kodwa futhi nokulungela kweChiefs umdlalo kuyamenelisa, wathi lesi kuzoba ngesinye sezivivinyo okuzofanele bakhombise ngazo ukuthi bazimisele ngokuhlala esicongweni.
“Siyaqonda ukuthi sinomdlalo neqembu elizolwa ngakho konke elinakho ngenhloso yokugcina irekhodi lalo lokungehlulwa kule sizini.
“Nathi siya emdlalweni ngesifiso esifanayo kodwa okwethu kunomehluko ngoba thina sisekhaya futhi siyiChiefs ethathwa njengelinye lamaqembu amakhulu ebholeni lase-Afrika nokungafanele kube yinto ejwayelekile ukungayiwini eyasekhaya.
“Konke obekufanele sikwenze ukulungela iSekhukhune sikwenze ngendlela esigculisayo,” kusho uNdlovu.