UMQEQESHI weStellenbosch FC, uSteve Barker, ovume oyokuya kowamanqamu weMTN 8 ne-Orlando Pirates kusasa, enegqubu ngendlela iqembu lakhe elahlulwa ngayo kowangesizini edlule
Image: BACKPAGEPIX
ISEYISILONDA kumqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, indlela leli qembu elashaywa ngayo yi-Orlando Pirates kowamanqamu we-MTN8 wangesizini edlule, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
IStellies izophinda nePirates kowamanqamu weWafa Wafa kusasa ngo-6 ntamabama, eMbombela Stadium, eNelspruit.
Kowamanqamu wangesizini edlule, iStellies yayibhakuzisa kuqala inethi kodwa yagcina ikhale ngaphansi ngo 3-1.
UBarker akakayikhohlwa indaba yegoli likaTshegofatso Mabasa elavunywa ngunondweba owayephethe umdlalo, u-Abongile Tom, kade kuyi-freekick ayichaze njengengazange isuselwe lapho kwakufanele khona. Leli goli layiqeda amandla iStellies eyayisaqhubeka nokulwa.
“Umdlalo wamanqamu nePirates uyohlale umkhulu ngakho-ke nakulokhu sizozama ukwenza ngendlela lokhu esizobe sikuhlelile ngoba akukho okungaphezulu esingakwenza,” kusho uBarker.
“Ngeke ngikhulume iphutha, namanje isebuhlungu indlela esashaywa ngayo ngoba ngokwami konke kwakuhamba ngendlela kwaze kwaba kwenzeka lokhu okwenzeka sahluthuka okwalandelwa wukulahlekelwa wumdlalo.
“Isifiso sami wukuthi kuwine iqembu elifanele kungabibikho muntu olisizayo ngoba lona osuke engasizwanga usala nenhliziyo ebuhlungu. Ukuhlulwa ngendlela enobulungiswa iyamukeleka.
“Namanje kusebuhlungu ukuthi sashaywa ngendlela esabona sengathi inogcobho ngakho-ke kulokhu sikhulekela umdlalo ohlanzekile ongenazo izinkulumo ngemuva kwawo."
Ngaphansi kwalo mqeqeshi, iStellies isifinyelele kweyamanqamu emithathu kusukela ngo-2016, yanqoba indebe yeCarling Knockout kuphela.
Ngaphezu kwalokhu, iStellies isiqede endaweni yesithathu amasizini amabili elandelana. Ngesizini edlule kwiCaf Confederation Cup ebiqala ukudlala kuyona emlandweni, ihambe yaze yafika kowandulela owamanqamu lapho iguqiswe khona yiSimba FC yaseTanzania.