Bafana Bafana (1) 1
Nigeria (1) 1
IBAFANA Bafana iyeke ithuba lokuqeda ngamathuba eNigeria okuya kwiNdebe yoMhlaba ngesikhathi iyivumela ukuthi ibuye emdlalweni ka-Group C izolo ebusuku, eToyota Stadium, eBloemfontein.
Iwini yeBafana ibizoqeda amathuba eNigeria, iyifake ngonyawo olulodwa kulo mqhudelwano ozoba seCanada, Mexico nase-United States of America (USA) ngonyaka ozayo.
Lo mphumela usayivuna iBafana kodwa usayinika ithemba neNigeria kwazise isinamaphuzu angu-11 uma uqhathanisa naweBafana esina-17.
Imidlalo emibili yokusonga iqoqo izodlalwa ngenyanga ezayo, lapho iBafana izobhekana khona neZimbabwe (kongase udlalelwe kuleli yize ungowasekuhambeni) neRwanda ekhaya. IBafana isidinga iphuzu kuphela kule midlalo ukuze izozibekisela indawo kweyoMhlaba.
Ekundleni izolo, siqale kabi isiwombe sokuqala ngokulimala kuka-Ola Aina weNigeria kodwa okusheshe kwacaca wukuthi iBafana ibingenankinga nokuhlala emuva okufakazelwa yisikimu esiqale umdlalo.
Umdlalo uqalwe nguSamkelo Kabini, Siyabonga Ngezana noBathusi Aubaas abangadlalanga koweLesotho ngesonto eledlule. Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, uthe isizathu salokhu wukuthi iNigeria ithembele ezikhwepheni.
Njengoba bekulindelekile imimoya iphakame zisuka ngaphambi kokuthi iBafana izithole isihamba phambili ngegoli okube wumkhonto ogwaza ekhaya kakaputeni weNigeria, uWilliam Troost-Okong ngomzuzu ka-25.
Lokhu bekulandela umnyakazo omuhle kaMohau Nkota obebamise kabi abeNigeria ngakwesokunxele.
Ngemuva kwegoli, iBafana iphinde yehlisa umdlandla okuholele ekutheni iye ekhefini sezibambene ngo 1-1 kulandela igoli likaCalvin Bassey alishaye ngesandla ngomzuzu wokugcina wesiwombe sokuqala.
Nakwesesibili, iBafana iqale ngenothi eliphansi obekudweba isithombe sokuthi ayinankinga nephuzu.
Yize kunjalo kodwa iminyakazo iBafana ebizuma ngayo ibishiya kunobutata emuva kwiNigeria. UMbekezi Mbokazi ucishe wazuma uStanley Nwabali engekho ezintini maphakathi nesiwombe sesibili.
Ngemizuzu yokugcina engu-10, uBroos ufake uKamohelo Sebelebele noThalente Mbatha ngenhloso yokukhuphula umgqigqo weBafana.
Kufuze ukuba iBafana iqale lo mdlalo obuhambisana nezinkulumo ngoTeboho Mokoena selehlile igwebu kulandela umbhalo ophanyekwe yiFifa ekhasini layo lezokuxhumana ikhuluma ngamathuba amazwe amabili abesethubeni lokuzifaka ezweni lesethembiso izolo.
IFifa ibale i-Egypt nezikaBroos njegamazwe abesethubeni lokuzibekisela indawo eCanada, Mexico nase-United States of America (USA) ngonyaka ozayo uma evunwa yimiphumela.
Izibalo beziweza iBafana uma inqoba kwiNigeria bese ikhulekela ukuthi iBenin ayiwunqobi owayo neLesotho (odlalwe usushicilelwe lo mbiko).