Ezemidlalo Ibhola

Kufezeke iphupho oweChiefs ehlabana ngendlu

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMLANDELI weKaizer Chiefs, uSiphosihle Mabusela owine indlu entsha sha koweSuperSportBet Sta'Playa

Image: SITHUNYELWE

UKUCHAZE njengokufezeka kwephupho ebelikude naye ukuwina umacekeceke wendlu umlandeli weKaizer Chiefs, uSiphosihle Mabusela, okunguyena oqokwe njengeSta’Playa emncintiswaneni wakwaSuperSportBet.

Ngasekuqaleni kwesonto uMabusela unikwe okhiye bomuzi wakhe omusha oseProtea Glen, eSoweto, kulandela ukutonyulwa kwegama lakhe kulo mncintiswano oqale ngoFebhuwari.

Uhlelo okuqokwe ngalo uMabusela belugadwe ngeso lokhozi yinkampani ebhekele ezemali eyaziwa ngele-Cypress Financial Group.

“Kwakuvele kuyiphupho lami ukuba nomuzi othi mina kodwa bekuyinto engiyibukela kude,” kusho uMabusela.

ABADLALI nabaphathi beKaizer Chiefs nezikhulu zakwaSuperSportBet bemi ngaphandle komuzi owinwe wuSiphosihle Mabusela

Image: SITHUNYELWE

“Wonke umuntu uyafisa ukuba nomuzi wakhe kodwa bengingalindele ukuthi kuzoshesha ngale ndlela nanokuthi kuzokwenzeka ngale ndlela.

“Ngizishaya isifuba ngokuthi iqembu lami iChiefs neSuperSportBet benze leli phupho laba yimpumelelo.

“Namanje angikakholwa ukuthi ngiwinile. Angikholwanga bengifonela bengitshela izindaba. Kuvele kwaba sengathi umhlaba uyama ngenxa yenjabulo."

Isikhulu sakwaSuperSportBet, uGrant Greeff, sithe bajabule kakuhlu ngalo mncintiswano ngoba ubathinta ngqo abalandeli bakanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika.

IZITHUNYWA zeKaizer Chiefs nezakwaSuperSportBet ngaphakathi emzini omusha kaSiphosihle Mabusela awuwine kwiSta'Playa

Image: SITHUNYELWE

“USiphosihle akagcini ngokuba nguyena owinile kepha uyisibonelo sokuthi kusuke kukhulunywa ngani kumlandeli nanokuthi mkhulu kangakanani umvuzo uma ukholelwa entweni.

“Sizizwa sihloniphekile ngokuba nesandla ekufezeni iphupho lalo mlandeli,” kusho uGreeff.

Esinye sezikhulu eziphezulu kwiChiefs, uJessica Motaung, sithe:“Abalandeli bethu bafana nenhliziyo yeqembu lethu, ngakho-ke kusishaya ngaphakathi ukuba nesandla ekubuyiseleni kubantu okuyibona abenza iChiefs iphile.”