BEKUNZIMA kanje kumaBhokobhoko esifazane ngesikhathi ebhekene neFrance kowokusonga uGroup D weNdebe yoMhlaba eqhubeka e-England
Image: BACKPAGEPIX
AMABHOKOBHOKO esifazane abuyiselwe kwamhlaba yiFrance ngesibhaxu sika 57-10 koka-Group D weNdebe yoMhlaba edlalelwa e-England okuwaqhathe neNew Zealand evikela isicoco kwi-quarterfinal ngoMgqibelo ngo-2 ntambama, eSandy Park, e-Exeter.
Nakuba umdlalo weFrance ukuveze obala ukuthi kunamabhawodi okusafanele aqiniswe kumaBhokobhoko kodwa umqeqeshi, uSwys de Bruin, ubona ithuba lokuqhubeka nokuqopha umlando kulo mqhudelwano.
Leli qembu lesizwe lidlale neFrance selivele lizibekisele indawo kweyomkhumulajezi ngokunqoba kwi-Italy ekleliswe ngaphezulu kwalo neBrazil esacathula kumbhoxo wabesifazane womhlaba.
Ukunqoba le midlalo yokuqala kwezikaDe Bruin kwenze abalandeli baya koweFrance ngethemba okusheshe kwacaca nokho ukuthi amazinga kawafani okufakazelwa yimbudlu yamaphuzu okuyiwe ngayo ekhefini.
AmaBhokobhoko azobhekana neNew Zealand kwi-quarterfinal kulandela ukuqeda kwawo endaweni yesibili kwi-log ngemuva kweFrance kodwa ngaphezulu kwe-Italy neBrazil.
“IFrance idlale kangcono kunathi yingakho kuyifanele bekunqoba umdlalo. Okunye okuhlale obala wukuthi sikleliswe endaweni ka-10 kanti bona basendaweni yesine emhlabeni,” kusho uDe Bruin.
“Womane amaqembu esizwe akleliswe phambili ayinqobe ngamaphuzu angu-40 kuya phezulu wonke imidlalo yawo okuyinto esidweba sicace isithombe ngegebe phakathi kwawo nalawa asahlanganisa kumbhoxo womhlaba wabesifazane njengathi.
“Lokhu akukhona ukucasha ngesithupha kepha yiqiniso esibhekene nalo. Isivinini esikhula ngaso senza sikukhohlwe ukuthi amazwe asibhekene nawo lapha e-England asenesikhathi ahlangana.
“Kuwona wonke umuntu kubukeka kuwumqansa kithina ukubhekana neqembu okuyilona elivikela isicoco somhlaba kepha kithina ngelinye ithuba lokuqopha umlando nokuzibika emhlabeni ukuthi singelinye lamaqembu esizwe akhula ngesivinini."
Okukhalise kakhulu uDe Bruin nathembise ukusebenza kakhulu kukhona wukuthi iFrance ilithwalise kanzima iqembu lakhe lapho azi ukuthi alithintwa khona.
“Kungethusile ukusibhudluza kwabo kalula kwi-scrum ngoba le yindlela esizethusa ngayo izitha ngaphambi kokuzixina ngendluzuzla kubadlali baphambili,” kusho uDe Bruin.