Ezemidlalo Ibhola

UThabo akafuni ukushiya kwiStellies-Barker

Zakhele Xaba|Published

ISITOBHA seStellenbosch FC, uThabo Moloisane, onconywa ngokuzimisela phezu kokuba engase alishiye leli qembu

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

AKAZIMISELE ngokushiya iStellenbosch FC umdlali wasemuva, uThabo Moloisane, okusabalele ukuthi uyanqaba ukuvuselela inkontileka yakhe ezophela ekupheleni kwesizini ka-2025/2026.

UMoloisane ushaye into ecokeme ngesikhathi iStellies yehlula iSekhukhune United ngo 2-0 emdlalweni womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN8 eDanie Craven Stadium, eStellenbosch, ngoMgqibelo. Amagoli aqinisekise ukuthi leli qembu lizongena enkundleni kowomlenze wesibili linethezekile, ashaywe nguGodswill Enyinnaya noDevin Titus. La maqembu azogadulisana futhi ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

Umqeqeshi weStellies, uSteve Barker, uchazekile ngendlela uMoloisane adlale ngayo phezu kokuba lingakacaci ikusasa lakhe eqenjini. Bekusabalele ukuthi lo mdlali ufunwa ngamaqembu amakhulu kwiBetway Premiership okuyi-Orlando Pirates, Kaizer Chiefs neMamelodi Sundowns esayinise uzakwabo, uFawaaz Basadien. UMoloisane ngomunye wabadlali basemuva abashaye into ecokeme ngesizini edlule, waqokelwa umklomelo weBetway Premiership Defender of The Season kodwa wakhala ngaphansi kuNkosinathi Sibisi wePirates. 

"Kungenxa yendlela ayiyona nohlobo lomuntu ayilona. UThabo usonyakeni wakhe wokugcina kodwa akukhona ukuthi ufuna ukuhamba. Empeleni angathanda ukuhlala aqhubeke, ngakho yinto esiphezu kwayo leyo. Ngiyamhlonipha umdlali okungenzeka ahambe kodwa aqhubeke nokudlala ngendlela adlala ngayo kuyona yonke imidlalo, ngayo yonke imizuzu. Ngokwami bekumfanele ukuba ngumdlali wasemuva ovelele ngesizini edlule. Ngicabanga ukuthi ube neshwa nje lokungakutholi lokho. Kodwa ngicabanga ukuthi namuhla uphinde walikhombisa izinga lakhe. Usebenzile," kusho uBarker.

ISekhukhune idlale neStellies umqeqeshi wayo, u-Eric Tinkler, ekhale ngendlela leli qembu elimandla ngayo ekusebenziseni amaphutha ezitha. Nokho yilokho okuphinde kwenzeka cishe kuwona womabili amagoli, ikakhulukazi kwelikaTitus elingene kukade kuyikhona yabo. 

UBarker uncome abadlali bakhe ngokuzinikela enkundleni phezu kokuba bedlale enkundleni emanzi.

"Ngicabanga ukuthi sidlale kakhulu, izimo bezinzima kodwa sakwazi ukumelana nazo kahle. Kukhona izikhathi lapho ebesidlala khona, sibanika inkinga, singazami ukudlala ibhola emuva. Ngaphandle kwalokho, sigxile eqhingeni lethu kahle," kusho uBarker.

NgoLwesithathu, iStellies izovakashela i-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, ngo-7. 30 ebusuku.