Keletso Makgalwa weSekhukhune United noHendrick Ekstein wamaZulu.
Image: BackpagePix
UKUSHAYA into ephansi emidlalweni yokuqala yesizini kwesithenjwa seSekhukhune United, uKeletso Makgalwa, akwehli kahle kumqeqeshi, u-Eric Tinkler, oqoke ukusikhumbuza ukuthi sisanenkontileka naleli qembu.
UMakgalwa ngomunye wabadlali abebegqamile kwiBetway Premiership ngesizini ka-2024/2025, eshayela iSekhukhune amagoli amqoka. Ngalokhu, ugcine eqokelwe imiklomelo emikhulu okungoweBetway Premiership Players' Player of The Season nowePSL Footballer of The Season. Nokho akalibonanga elidlalayo kuyona yomibili kwazise igcine igoduke noLucas Ribeiro weMamelodi Sundowns. Selokhu kuqale isizini ka-2025/2026, uMakgalwa owakhulela kwiSundowns, akakabuyeli ezingeni elimakhele ugazi kwabaningi, kwasabalala nezindaba zokuthi ufunwa yiKaizer Chiefs.
Emidlalweni emithathu yeSekhukhune, okungemibili yeligi noweMTN8, akakashayi nelokubika igoli. Kukhona abakholwa wukuthi ifomu yakhe yehliswe wukuthi iSekhukhune ayimdedelanga.
"Sesixoxile naye izikhawu ezimbalwa. Angivumi. Angicabangi ukuthi uKeletso udlale kahle kule midlalo emithathu ayidlalile. Emdlalweni wokuqala, ngiyavuma, wakhe igoli kodwa bekuyikhona. Awekho amathuba angako azakhele wona noma abanye emidlalweni emibili yakamuva. Kuhlala kunamahlebezi, ikakhulukazi emuva kokuqokelwa umklomelo womdlali ovelele, nokwakha amagoli njalo njalo. Kodwa okuningi kukhomba abezindaba, kodwa hhayi njalo. Kwesinye isikhathi kuba yimenenja ekhipha lolo lwazi futhi simtshelile uKeletso ngalokho. Ngeke simvimbe ekutholeni inkontileka kwenye indawo. Kodwa kudingeka kube khona okubekwa etafuleni. Akukho," kusho uTinkler.
"Ngakho yizinkulumo nje. Okufanele akuqaphele wukuthi ungumdlali wesigaba esikhokhelayo, unenkontileka neSekhukhune United futhi kumele akuphinde kabili akwenze ngesizini edlule ngoba kuzokwenza abantu bambheke ngenye indlela. Ngeke kube yinzwabethi nje evela kwimenenja nakwabezindaba. Amaqembu azothinta iSekhukhune."
ISekhukhune izobhekana neStellenbosch FC emdlalweni womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN8 eDanie Craven Stadium, eStellenbosch, namuhla ngo-6 ntambama.
"Lona wumdlalo omkhulu. Sizobhekana neqembu elenze kahle kumasizini amabili. Limangaze abaningi ngendlela elidlale ngayo nendawo eliqede kuyona kwiligi. Irekhodi lami njengomqeqeshi uma ngibhekene nabo alilihle. Nginethemba lokuthi sizoya laphaya ngikushintshe lokho, ngibe nenhlanhla kanjalo neSekhukhune emizamweni yethu yokudlulela kowamanqamu weMTN8. Ngeke kube lula. Bayiqembu elinzima ukudlala nalo eDanie Craven. Banabalandeli abaningi uma bedlalela eDanie Craven kunoma bedlalela e-Athlone noma eDHL Stadium. Ngakho siyazi ukuthi ngeke kubelula. Bayiqembu eligada amaphutha akho, ngakho kufanele sizibambe ziqine,"kusho uTinkler.