Ezemidlalo Ibhola

OwePirates ethubeni lokukala ‘amandla’ eSundowns

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou nephini lakhe uMandla Ncikazi, bebonisana emdlalweni odlule weMTN 8 abawunqobe ngo 2-0 kwiPolokwane City ngempelasonto edlule

Image: BACKPAGEPIX

UKUQHATHWA kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu weMTN 8 kuvulela u-Abdeslam Ouaddou ithuba lokunika ithemba kubalandeli beBucs ngokuthi nguyena ozofika nenhlanhla yokugudluza ompetha beligi esicongweni.

IPirates itonyulwe ukuba iwudlalele ekhaya owomlenze wokuqala ongempelasonto ka-Agasti 16-17, bese kuthi owesibili ube seTshwane ngeka-Agasti 23-24.

Lokhu kuqhathwa kabili kufanele ukuba yithuba lika-Ouaddou lokukhombisa ukuthi unawo amava okuqhubeka lapho kugcine khona uJose Riveiro ngokudla lo mqhudelwano, akhulise nethemba kubalandeli ngokuthi nguyena ozogcina egudluze iSundowns esicongweni.

Lo mdlalo unzima ku-Ouaddou uma uzokhumbula ukuthi kumasizini amathathu elandelana, iPirates ihambe yaze yafika ekugcineni kwiWafa Wafa ngakho-ke uma ehluleka, hleze lokho kumdalele amazinyo abushelelezi kwabanye.

Kumasizini amathathu adlule, iSundowns iyishiye kude iPirates endaweni yesibili kwi-log yePremiership kodwa kule sizini ezoqala ngempelasonto ezayo, kunomuzwa wokuthi izinto zingase zishintshe ngenxa yendlela iBucs engene mawala ngayo emakhethe yabadlali.

Phakathi kwezinduku ezintsha zePirates esezivele ziqalile ukukhokha imali ezithengwe ngayo singabala u-Oswin Appollis, Sipho Mbule, Sihle Nduli noKamogelo Sebelebele ukubala abambalwa.

Iningi labadlali iPirates eqinise ngabo lidlala kwiBafana Bafana kaHugo Broos okuzitolika ngokuthi akhona amathuba okudlisela ogageni iSundowns ngesizini ezoqala nakuba kodwa konke kulele kumqeqeshi.

Njengoba u-Ouaddou engene esikhundleni sikaRiveiro obeyisithandwa sabalandeli bePirates, kusemqoka ukuthi nakuba efaka umqondo wakhe kwiBucs kodwa iqhubeke nokuwina izindebe.

Ukudlalwa imilenze emibili kowandulela owamanqamu weMTN8, kuzonika u-Ouaddou ithuba okungenani lokuvezela abalandeli bePirates ukuthi nguyena ozoba wumqeqeshi obakhipha endlaleni yesicoco seligi osekuphele iminyaka engaphezulu kwengu-10 basigcina.

Indlela iPirates ka-Ouaddou ezokwenza ngayo kule midlalo emibili izohlahla indlela yokungase kwenzeke kwiPremiership kule sizini ezoqala, ikakhulukazi uma uzoqaphela ukuthi kwiSundowns kusathule ngezinduku ezoqinisa ngazo.

“Angidingi ukutshelwa ukuthi yini ebhekwe kimina ngoba ngiyazi ukuthi amaqembu amakhulu njengePirates kawamqasheli ukuthi azonethezeka umqeqeshi kepha kufuneka izicoco okukhona kuzona neseligi,” kusho u-Ouaddou kwabezindaba ngempelasonto edlule, ngesikhathi bembuza ngamathuba esicoco seligi.