U-OSWIN Appollis ongomunye wabadlali abasha be-Orlando Pirates abebegqamile ngesikhathi inqoba ngo 2-0 kwiPolokwane City kwiMTN 8 ngoMgqibelo
Image: BACKPAGEPIX
NAKUBA umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, eliqonda izinga elikhonjiswe ngabadlali bakhe abasha kwazise bamelwe wukuzama ukuthatha iso lakhe kodwa akafuni bakuyeke lokhu ngokuhamba kwesikhathi ngoba ngaphansi kwakhe isikimi sizotholwa ngabakhombisa ejimini ukuthi sibafanele.
U-Ouaddou obekubhekwe ngabomvu ukuthi uzoqala kanjani ukuvikela i-MTN8 edliwe amahlandla amathathu kulandelana nguJose Riveiro, uvule ngewini ka 2-0 eshaya iPolokwane City ngoMgqibelo, e-Orlando Stadium, eSoweto.
IPirates inqobe lo mdlalo ngegoli lika-Oswin Appollis osuka kwiRise and Shine nephenathi ethathwe nguPatrick Maswanganyi, konke okwenzeke esiwombeni sokuqala.
Maphakathi nenkundla esiswini kwiPirates, kuqale uSipho Mbule noSihle Nduli kanti uTsepang Moremi, Yanela Mbuthuma no-Abdoulaye Mariko waseMali bangene esiwombeni sesibili.
Ngemuva komdlalo ofake iPirates kowandulela owamanqamu weWafa Wafa, u-Ouaddou uncome abadlali bakhe eqhakambisa u-Appollis okunguyena futhi oqokwe njengomdlali wosuku.
Bekunongabazane ngokuthi u-Appollis uzowugijima lo mdlalo kwazise wayengeyona ingxenye yesikwati emidlalweni emibili yokugcina eyidlale eSpain ngenyanga edlule.
“Ngihlabeke umxhwele ngabo bonke abadlali abasha bePirates kodwa angithukile kangako ngoba ngiyaqonda ukuthi nabo yindlela abebebingelela ngayo abalandeli,” kusho u-Ouaddou esithangamini nabezindaba.
“Nami ngisewumdlali ngangiwakhipha wonke amangwevu uma kufike umqeqeshi omusha ngenhloso yokuthi angangikhohlwa uma esebophela isikimu.
“Kuhle lokhu kodwa ngifuna kube yisiko leqembu lami ngoba ngeke kungijabulise ukubona umfutho wehla kwabanye ngoba sebecabanga ukuthi sebengithathile.
“Kangiyena umqeqeshi ophisana ngesikimu ngakho-ke abadlali bami bayazi ukuthi siyalwelwa. Isikimu sePirates. Sizosethwa yindlela abadlali abenza ngayo ejimini."
Esiwombeni sesibili kungene uMariko ofike kuleli nesithunzi kwazise ngesizini edlule uqoqe yonke imiklomelo ebibhekiwe kwiligi enkulu yaseMali.
“Ngicabanga ukuthi sonke sizibonele ukuthi yini ehehe iPirates kuMariko. Ngimcebise ngokuthi akasheshe afunde isingisi ukuze nezinto zakhe zizoshesha. Angingabazi ukuthi uma esenethezeke kahle kwiPremier Soccer League (PSL) kuzokhalwa ngaye konke lapho esihamba khona.
“Akuyena yedwa uMariko kepha ngijabule nangendlela iqembu eliqinise ngayo isikwati ngabadlali beqophelo elithi kalifane kuzona zonke izindawo."
Ubufakazi bokuqina kwesikwati sePirates wukuthi inqoba kwiPolokwane nje, bezingekho ezinye izithenjwa okunguThabiso Sesane, Olisah Ndah, Thalente Mbatha, Makhehleni Makhaula, Tshegofatso Mabasa no-Evidence Makgopa ukubala abambalwa.