USIYABONGA Mabena weMamelodi Sundowns ejabulela igoli lesine emdlalweni weMTN 8 behlula iRichards Bay FC eLucas Moripe Stadium, eTshwane, izolo ebusuku
Image: BACKPAGEPIX
KUNYOMFEKE izinhlelo zabaxhasi beMTN 8 ngesikhathi iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates behlangana ngaphambi komdlalo wamanqamu walo mqhudelwano onentshontsho lika-R10 million.
Lokhu kuhlaluke izolo ebusuku ngesikhathi kuqhathwa eyandulela owamanqamu enemilenze emibili ngemuva kwewini ka 4-0 yeSundowns kwiRichards Bay FC eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville. Imilenze yokuqala izodlalwa ngempelasonto ka-Agasti 16 no-17.
Umdlalo wePirates neSundowns kwiMTN8 uyimpinda yowamanqamu wale ndebe wangesizini ka-2023/2024 owawuseThekwini. Ngayo leyo sizini, eZimnyama zehlula Amasandawana kowamanqamu weNedbank Cup eMpumalanga.
Nakuba iPremier Soccer League (PSL) ingakazimemezeli izinkundla okuzodlalwa kuzona eyeMTN8 kodwa owandulela owamanqamu womlenze wokuqala iPirates izowudlalela ekhaya neSundowns. Komunye iStellenbosch FC izoqala ekhaya kowayo neSekhukhune United.
“Bekusemqoka ukuqala lo mqhudelwano ngamandla. Nangempela kwenzeka ngokwezifiso zethu,” kusho umqeqeshi weSundowns uMiguel Cardoso kwiSuperSport ngemuva komdlalo.
“Kumnandi ukudlulela phambili kwiMTN8 kodwa okuhle kakhulu wukujabulisa abalandeli beSundowns ngebhola elimnandi."
URonne Gabriel weBay uthe: “Okungasiza iBay ukwamukela lo mphumela bese sijabulela isikwati sethu sabadlali abancane abathole ithuba lokubhekana nelinye lamaqembu aphambili e-Afrika.”
Izinkulumo ngekusasa likaKhuliso Mudau, Lucas Ribeiro Costa noPeter Shaulile bobathathu okunemibiko ebakhomba endleleni ephumayo kwiSundowns, beziphezulu ngaphambi kokuqala komdlalo. Bobathathu laba badlali abakhonjwa emaqenjini asenhla ne-Afrika, eBrazil nase-Europe ngokwahlukana bebengekho ngisho ebhentshini leSundowns.
Umdlalo ufinyelela emizuzwini engu-10, iSundowns ibisihamba phambili ngegoli lekhanda lika-Iqraam Rayners kade kuyikhona kaMarcelo Allende.
Elesibili kube wumkhonto ogwaze ekhaya kaSimphiwe Mcineka ngemizuzu yokugcina yesiwombe sokuqala ngaphambi kokuthi uRayers ashaye elesithathu.
Kuchwaze inkundla yonke ngesikhathi uSiyabonga Mabena eshaya elesine okuyilona elishayele isipikili sokugcina kwiBay.
IStellies izifake kowandulela owamanqamu ngokunqoba ngo 3-2 kuMaZulu FC kwi-extratime khona izolo eCape Twon Stadium.
IPirates evikela isicoco okwayo akubanganzima kangako kwazise inqobe ngo 2-0 wamagoli ka-Oswin Appollis nephenathi kaPatrick “Tito”Maswanganyi e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo .
ISekhukhune United ikhiphe i-TS Galaxy ngo 3-2. Ibuye ikade ilandela ngemuva ngawo ngo 2-0.