Ezemidlalo Ibhola

Isazomincisa eyekusasa likaRibeiro kwiSundowns

Mthokozisi Mncuseni|Published

KUZOMINCWA kuze kuvale iwindi lokushintshana ngabadlali ngaphambi kokuthi kucace ukuthi uLucas Ribeiro Costa weMamelodi Sundowns uzoqhubeka yini nokuyishayela amagoli kwiPremier Soccer League (PSL)

Image: BACKPAGEPIX

NAKUBA uLucas Ribeiro Costa engafihli ukuthi ujabule kwiMamelodi Sundowns kodwa ikusasa lakhe kuleli qembu laseChloorkop, lisazomincisa okungenani isikhathi esingaphansi kancane kwezinyanga ezimbili kuze kube kuvala iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoSepthemba 22.

URibeiro (26) usanda kushanela imiklomelo emine ebibhekwe ngabomvu ngesikhathi i-Premier Soccer League (PSL) iklomelisa abenze kahle ngesizini edlule kwiBetway Premiership nakwiMotsepe Foundation Championship.

Lo mdlali waseBrazil kusabalale ukuthi uwashiye phakathi amalungiselelo eSundowns okuqala isizini entsha. Lokhu kwenzeka kulandela amahlebezi akhomba lo mdlali endleleni ephumayo kompetha beligi.

Ukugqama kwakhe kwiFifa Club World Cup ebise-United States of America (USA) njengoba bekuvale isizini kuhehe amaqembu amaningi kuyena kusukela kwawaseFrance, Belgium naseQatar.

Ezakamuva zithi umbango usuphakathi kweqembu laseQatar, iQatar SC, neFluminense yaseBrazil nayo edlale kwiClub World Cup e-USA.

URibeiro ukhulume nabezindaba kulandela ukubuya kwakhe ekhefini elingazange lichazwe. Abazazi kangcono bathi ubenikwe ithuba lokuxoxa namaqembu amfunayo.

ISundowns izovula isizini ngokwamukela iRichards Bay FC kwi-quarterfinal yeMTN 8 ngo-6 ntambama, eLucas Moripe Stadium, eTshwane.

Lo mdlali uzibongele ngokwesekwa ngozakwabo okugcine ngokuthi awole imiklomelo emine wase ebalula nobumqoka bokuwina kwiBay.

“Ngijabule kakhulu kwiSundowns ngoba ngaphandle kwayo ngabe angizange ngihlabane ngale miklomelo.

“Isizini edlule ibeyinhle yingakho ngiphupha ngokuthi nale esizoyiqala ifane noma ibengcono. Kusemqoka ukuqala i-MTN 8 ngewini ngoba lokhu ngeke kusidlulisele phambili kuphela kepha kuzosenza silungele nokuqala iligi.

“Okuningi bekwenzeka kalula ngesizini edlule ngenxa yabalandeli ngakho-ke nakulokhu ngiyazicelela ukuba baqhubeke nokuseseka ebuhleni nasebubini,” kusho uRibeiro.

Yize lo mdlali ekhuluma ngale ndlela kodwa ngeke kwethuse ukuthi uSepthemba 22 ushaye engaseyena umdlali weSundowns uma kuzoya ngemibiko yokufunwa kwakhe eqhamuka eBrazil.

Kuthiwa iQatar SC neFluminense sebevele bakubekile phezu kwetafula abakubona kufanele umdlali ophambili njengoRibeiro, indaba isisele neSundowns.