Manqoba Mngqithi uManqoba Mngqithi umqeqeshi weGolden Arrows
Image: MALIBONGWE MDLETSHE Independent Media
IPHINI lomqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uMusa Bilankulu, libuyelwa yithemba ngenkulumo kaManqoba Mngqithi obona bezoqeda isizini ezayo sebenenye indebe ekhabetheni.
UMngqithi uhola ithimba labaqeqeshi be-Arrows elithakwe ngoBilankulu noKagiso Dikgacoi ababengabadlali bakhe kuBafana Bes'thende eminyakeni edlule. Bobathathu babekhona kwi-Arrows ngesikhathi iwina indebe yeMTN8 ngo-2009.
I-Arrows ibingelinye lamaqembu aKwaZulu-Natal abedlala emqhudelwaneni iKZN Premier's Cup eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, ngempelasonto edlule. Ikhishwe ekuseni ngaMaZulu ngo 3-2.
UMngqithi, otakule leli qembu kukubi ngesizini edlule, uzama ukubumba inqanawe ezobuyisa izinsuku zenjabulo kwi-Arrows.
"Indlela yokucabanga yomqeqeshi...(ihlukile) njengoba wazi ukuthi ungumqeqeshi onamava, usesisize kakhulu selokhu efikile ngesizini edlule. Emidlalweni engu-12, abekhona kuyona kwiBetway Premiership kubonakele. Uyasisiza kakhulu ngoba thina singabaqeqeshi abasebancane, uyasifaka kule nto. Njengoba eshilo ukuthi sizolwa futhi sizowina okuthize, ngiyakukholwa lokho ngoba wake wakusho ngesikhathi sisadlala siwina iMTN8. Ngakho, azama ukukusho wukuzama ukushintsha indlela yokucabanga kubadlali ngoba sikholwa wukuthi siqine ngokwanele uma udlalela iChiefs, Pirates noma iSundowns. Kodwa eqinisweni, uma usaphefumula useqophelweni elifanele lokulwa nanoma ngabe yini enyakazayo," kusho uBilankulu.
I-Arrows isayinise inqwaba yabafana abasebancane okubalwa kubona abayisithupha abaphuma kwiMidlands Wanderers enyukele kwiMotsepe Foundation Championship noSanele "Figo" Radebe obedlalela iRoyal AM ngesizini edlule.
"Sidlala ngejubane. Uma ubheka kubadlali esibasayinisile phambili, kukhona ijubane. Ngakho akukhona ukuthi sinciphisa iminyaka yobudala eqenjini kodwa sidinga ijubane uma siphethe ibhola noma lingekho kithina ngoba uma ucindezela phambili udinga ukudlova nejubane. Yileso isizathu esiholele ekutheni iqembu livumelane ngokusayinisa abadlali abasebancane. Lokho kuzosinika isikhathi esanele sokubaphumuza ngoba isizini izoba yinde nemidlalo eminingi. Ngakho abadlali abasebancane bayashesha ukubuyela esimeni,"kusho uBilankulu.
"Sinazo izifiso, sinakho esizibekele khona siyiqembu. Asikho kwiMTN8 okusho ukuthi sizolwela izindebe ezintathu kule sizini. Ngiqinisekile ukuthi sizolwa kahle futhi ngiyafunga ukuthi kukhona esizobuya nakho ekupheleni kwesizini ngoba iqembu esizama ukulihlanganisa yiqembu elidinga ukubhala kabusha umlando weGolden Arrows."
Related Topics: