Ezemidlalo Ibhola

OweSundowns ubalisa 'ngokugajwa' kuma-PSL Awards

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMGADLI weMamelodi Sundowns, u-Iqraam Rayners, okhononda ngokungabhekwa nangeso sekuqokwa abanethuba lemiklomelo kuma-PSL Awards

Image: AFP

UMGADLI weMamelodi Sundowns, u-Iqraam Rayners, uwotha ubomvu ngokuzitshwa kwakhe ngesikhathi kuqokelwa ama-PSL Awards ekubeni ezibona enze kangcono kunabaningi abaseminxeni eyahlukene.

Namuhla ngo-7 ebusuku, iPremier Soccer League (PSL) izoklomelisa abenze kahle eminxeni eyahlukene emcimbini ozokhonjiswa bukhoma ngokwahlukana kuSuperSport nakuSABC.

URayners (29) ujoyne iSundowns ngaphambi kokuqala kwesizini edlule, wayishayela amagoli angu-24 kuyona yonke imiqhudelwano, wakhela nozakwabo amanye ayisishiyagalolunye.

Nakuba amagoli angu-14 kulo-21 ewashaye kwiBetway Premiership, nalawa ayisishiyagalolunye awakhele ozakwabo ukwenze kwiligi, alikho igama lakhe eminxeni okuzoqokwa kuyona abenze kahle.

“Ngabe ngiqamba amanga uma ngithi angiphoxekile ngokusala ngaphandle eminxeni ngoba ngokwezibalo uRibeiro (Lucas) kuphela obengcono kunami,” kusho nguRayners kwiqophamlando leSundowns eaziwa ngele-Pitchside.

Imigomo elandelwa ngabakhetha abavelele iyaleza ukuthi kubhekwa umdlali ofake isandla ngendlela ebonakalayo empumelelweni yeqembu, wadlala nemidlalo engu-75% kuya phezulu.

“Ngizishaya isifuba ngengikwenze ngesizini yami yokuqala kwiSundowns. Ngiyazi ukuthi lokhu bengingeke ngikwenze ngaphandle kosizo lozakwethu kodwa ngimile ekutheni bekufanele ngiqokwe kweminye iminxa ikakhulukazi kowe-PSL Footballer of The Season,” kuqhuba yena.

URibeiro othwelwe ngeqoma ukuthi ashanele kulo mcimbi, ubanga lo mklomelo noRelebohile Mofokeng ogijima kwi-Orlando Pirates noKeletso Makgalwa weSekhukhune United.

Nakuba uMofokeng noMakgalwa bedlale kahle ngokwahlukana cishe isizini yonke kodwa ngokwezibalo uRayners ubashiye kude okwenza lo mgadli weBafana Bafana akhale kakhulu.

“Ngiyazi ukuthi kukhetha abathile kodwa lokho akukujiki ukuthi kubantu abaqokelwe iminxa eyahlukene ngenze kahle kunabaningi. Lokhu kuzitolika ngokuthi kufanele ngabe igama lami liningi ngokwahlukana kwayo (iminxa).

“Ngiyavuma ukuthi uRibeiro (Lucas) ubegqame cishe ukusedlula sonke kwiligi ngesizini edlule kodwa ngokwezibalo yimina okufanele ngabe usemhlane wakhe yingakho ngiphoxekile,” kusho uRayners.