AKANANKINGA nokuboshelwa noma yikuphi uRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates obonakala ebaleka nebhola kuPule MModi weKaizer Chiefs ngesikhathi bebhekene kowabakhaya ngesizini edlule
Image: BACKPAGEPIX
ISITHANDWA sabalandeli be-Orlando Pirates, uRelebohile “Rele” Mofokeng, sivule izandla ngokushintsha indawo esiyidlalayo enkundleni uma umqeqeshi omusha, u-Abdeslam Ouaddou, efisa ukusinika umsebenzi ohlukile.
UMofokeng okungacaci noma uzoqhubeka kwiPirates kwazise amahlebezi amkhomba emaqenjini ahlukene ase-Europe nawaseSaudi Arabia, ubeseSpain naleli qembu lapho libuye khona ngempelasonto ukuyocijela ukuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership.
IPirates idlale imidlalo emine yobungani eSpain lapho inqobe khona owodwa (Granada FC), yashawa kowodwa (Bolton Wanderers), yadlala ngokulingana kwemibili ibhekene nePafos FC yaseCyprus ne-UD Las Palmas.
Ngaphambi kokufulathela iNingizimu Afrika, iPirates iqinise isikwati sayo ngabadlali baphambili nasezimpondweni esingabala kubona u-Oswin Appillis, Tsepang Moremi, Sinoxolo Kwayina noKamohelo Sebelebele osayiniswe ngemuva kokuhamba kukaMohau Nkota.
Kunengxenye yabalandeli bakanobhutshuzwayo waseMzansi ebikholelwa ekutheni iPirates isayinisa mawala nje, yingoba uMofokeng ungomunye wabadlali asebethole amadlelo aluhlaza.
Ngesikhathi uMofokeng, othandwa ngisho abalandeli abangahlangene nePirates, ekhuluma nethimba labezindaba lakwaSuperSportBet ebelihambe nePirates eSpain, uthe uvule izandla ngendawo azobekwa kuyona u-Ouaddou.
“Ngizibona njengomdlali waphambili, ngakho-ke ayikho indawo okufanele ngikhale uma ngibekwa kuyona ngoba lokhu kulindeleke kuwona wonke umdlali webhola elikhokhelayo,” kusho uMofokeng.
“Ngijwayele ukuqhamuka ezimpondweni, ngiyavuma kodwa uma iqembu lingidinga kubagadli. Angikwazi ukunqaba ngoba ngaphandle kokungabi wusizo kumqeqeshi kodwa kufana nokulenzela phansi iqembu lonke.
“Ngijabule ngabadlali iPirates eqinise ngabo isikwati njengoba kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabo. Abaningi siyazana kwiBafana Bafana okuyinto ezokwenza okuningi kube lula njengoba kuzoqala isizini. Ngingumdlali wePirates ohlale ekulungele ukufela igama laleli qembu, ngakho-ke ngisho ngingaboshelwa ezitobheni ngeke ngibuze imibuzo ngoba kuyobe kuchaza ukuthi kulapho umqeqeshi engidinga khona ngalolo suku."
IPirates evikela isicoco seMTN8, izovula lo mqhudelwano ngokwamukela iPolokwane City ngo-Agasti 2 e-Orlando Stadium, eSoweto, ngo-3 ntambama.