Ezemidlalo Ibhola

UNabi usemqokile ukaputeni omusha weChiefs

Mthokozisi Mncuseni|Published

YIZE esadlale isizini eyodwa kwiKaizer Chiefs kodwa u-Inacio Miguel usezifake kuyona nabaqeqeshi bayo baze baphoqeleka ukumnika ibhande lobukaputeni kulandela ukuhamba kukaYusuf Maart obenza umsebenzi ofanayo

Image: KAIZER CHIEFS

ISITOBHA seKaizer Chiefs sase-Angola esigeje amaphenathi amabili ngesikhathi leli qembu lishaywa yi-Asante Kotoko yaseGhana kwiToyota Cup, u-Inacio Miguel, yisona esiqokwe nguNasreddine Nabi njengokaputeni omusha kulandela ukuhamba kukaYusuf Maart.

Kusukela kuqinisekiswe ukuthi uMaart (30) usethole ikhaya elisha kwiBundesliga yase-Austria, umbuzo ubulokhu umile ngokuthi ngubani ozongena esikhundleni sakhe.

UMaart owafika kwiChiefs ngo-2022/2023 esuka kwiSekhukhune United usedlalela iSV Ried ekhushulelwe esigabeni esikhulu sase-Austria kule sizini.

Phakathi kukaThabo Cele, Bruce Bvuma noMiguel bekungacaci ngozovala isikhala sikaMaart kodwa uNabi obekhuluma nabezindaba ngoMgqibelo ebusuku eMoses Mabhida Stadium, uqinisekisile ukuthi isikhundla usinike lesi sitobha sase-Angola.

Ngomzuzu wokugcina womdlalo iChiefs ithole iphenathi yayinika ukaputeni wayo musha oyibeke eceleni kwepali.

Ngenxa yalelo phutha, umdlalo udlulele kumaphenathi kwafika kwaba nguyena futhi uMiguel oqeda ngamathuba okuthi aqukule indebe yeToyota Cup ngokubeka eyakhe nobekungeyokugcina ezandleni zikanozinti weKotoko.

“Ngikholwa wukuthi kucacile ukuthi u-Inacio Miguel nguyena ozoba ngukaputeniweChiefs kule sizini ezoqala,” kusho uNabi.

“Ungumholi ofanele futhi okubhekwe kuyena uzokwazi ukukumela, ngakho-ke sikhululekile ngesinqumo sethu sokuqoka uMiguel njengokaputeni wethu kusukela manje kuya phambili."

Yize lo mqeqeshi waseTunisia engazange anabe ngabazosiza uMiguel kulo msebenzi kodwa nangesikhathi kuqhubeka iToyota Cup abadlali okubalwa kubona noCele bebelokhu beyikhiphe njalo imiyalelo.

IChiefs engeke iyidlale i-MTN8, isizolida ukuqala kweBetway Premiership abazobhekana kuyona kowokuqala ekuhambeni neStellenbosch FC.