SINYOMFE izinhlelo zamaqembu eBetway Premiership isinqumo seCape Town Spurs sokumangalela abadlali okuvela ukuthi sebesayine kwiKaizer Chiefs nakuMaZulu ngokwehlukana.
Nakuba sekwaziwa ukuthi iChiefs isisayinise uLuke Baartam no-Asanele Velebayi kodwa ayikabamemezeli ngenxa yokuthi abaphathi beSpurs bafake isimangalo ekomitini eliqondisa ubugwegwe lePremier Soccer League (PSL) ikhala ngendlela abahambe ngayo ekubeni besanezinkontileka. Yisimo esifanayo kuMaZulu asayinise uLiam Bern obekufanele amethule kwabezindaba kuleli sonto.
ISpurs, egawulwe yizembe kwiMotsepe Foundation Championship, ifuna babuyele kuyona njengoba isiqalile ukuziqeqeshela ukuqala kwesizini ye-ABC Motsepe League. Ngokomthetho wePSL, umdlali osedlala kumaligi eSouth African Football Association (Safa) akayisayini inkontileka. Lokhu kusho ukuthi uBaartman, Velebayi noBern sebangama-amesha. Nokho iSpurs izwakala ifuna inkokhelo ngala badlali ebakhulisile futhi ifuna amaqembu abafunayo asondele kuyona kuxoxwe kunokubathatha bhusende.
Isolezwe lithole ukuthi seliqalile ukuqulwa icala likaBaartman kodwa kushaye isikhathi sokushicilela kungakaveli ukuthi lihamba kanjani. Kodwa kuvelile ukuthi lizobuyela ngoMsombuluko. Icala likaVelebayi kulindeleke ukuthi lingene ngoJulayi 31. Kubahluleli abakuleli kulele cala, kukhona uZola Majavu wePSL, Siboniso Gaxa owayengumdlali weChiefs noMathew Booth.
Ngesonto eledlule, iChiefs iveze ukuthi izimisele ukwenza ngendlela efanele ukuze ithole laba badlali. Icala libavimbele ukuthi beyozicijela ukuqala kwesizini ka-2025/2026 eNetherlands. Ngaphezu kwalokho, ngeke babonakale njengoba leli qembu lizodlala ne-Asante Kotoko emdlalweni weToyota Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Ngasohlangothini lwaMaZulu, ayaphoqeka ukumshiya uBern njengoba ezodlala emqhudelwaneni iKZN Premier's Cup ozoba ngoMgqibelo nangeSonto eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay. AmaZulu azobhekana neLamontville Golden Arrows ngo-11 emini ngoMgqibelo. Emuva kwalokho, kuzongena iDurban City neMilford FC ngo-1. NgeSonto kuzoqhuthana iMidlands Wanderers neRichards Bay ngo-9 ekuseni. Emuva kwalokho, kuzoqala eyandulela owamanqamu ozodlalwa ngamaqembu awinile. Owamanqamu ozoba ngo-3 ntambama.
Related Topics: