U-OSWIN Appollis okunemibiko yokuthi ulimele okungase kumphazamise ekubhekaneni neqembu lakhe lakudala iPolokwane City emdlalweni we-quarterfinal yeMTN 8 ngo-Agasti 2
Image: ORLANDO PIRATES FACEBOOK
KUBANJWE umoya ngokuthi ukuthinteka "okungatheni" kuka-Oswin Appollis kungaphazamisi ukuqala kwesizini kwalo mdlali eqenjini lakhe elisha, i-Orlando Pirates, lapho ezovula khona nelidala kwiMTN 8.
U-Appollis ongomunye wabadlali abangaconsi phansi eNingizimu Afrika kwazise akasali esikwatini seBafana Bafana, usanda kusayina kwiPirates echayisa amaqembu athathwa njengamakhulu esingabala kuwona iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns.
Ukungayidlali kuka-Appollis imidlalo emibili yokusonga ikhempu yePirates ebiseSpain, sekususe ungabazane ngokuthi uzokwazi yini ukubhekana nePolokwane City asuka kuyona ngo-Agasti 2 koweMTN 8 e-Orlando Stadium, eSoweto.
Belilikhulu isasasa kwabePirates ngesikhathi u-Appollis ebonakala okokuqala edlubhe umfaniswano wayo emdlalweni abahlulwe kuwona ngo 2-0 kwiBolton Wanderers yase-England, bevula le khempu esongwe ngempelasonto.
Yize u-Appollis engazange abonakale kangako koweBolton kodwa kolandele lapho, iPirates eyabambana kuwona ngo 1-1 nePafos FC yaseCyprus, lo mdlali waseKapa ubeseqophelweni eliphezulu.
Ukungabonakali kwakhe kwemibili yokugcina iPirates eyidlale ne-UD Las Palmas neGranada FC kwenze iningi lacabanga ukuthi ulimele.
Ngemuva komdlalo wokugcina neGranada eMarbella, umqeqeshi wePirates u-Abdeslam Ouaddou ubuziwe ngo-Appolis kodwa akathandanga ukuphawula kabanzi.
“Kulindelekile ukuthi kube khona ukutubeka nokuvuvuka okungatheni kubadlali abahlukene kwazise unobhutshuzwayo udlalwa yizinsizwa,” uphendule kanje kwabakwaSuperSportBet sakuziba umbuzo u-Ouaddou.
Ngesikhathi u-Appollis esayina kwiPirates kubekhona ababona lokhu njengendlela yokuvala isikhala sikaRelebohile Mofokeng obekuthiwa ubheke phesheya kwezilwandle.
Sekungumlando ukuthi kube nguMohau Nkota osayine eqenjini laseSaudi Arabia yize iwindi lokushintshana ngabadlali lisazoqhubeka livuleke kuze kube ngasekupheleni kukaSepthemba.
Ukulimala kuka-Appollis okuchazwe njengokuthinteka okungatheni, kungase kumphazamise ekutheni abhekane neRise and Shine kwi-quarterfinal yeMTN 8 emdlalweni obekuzoba owakhe wokuqala phambi kwabalandeli abasha.
Isiyonke imidlalo yeMTN 8 imi kanje:
Ngo-Agasti 2
Sekhukhune United v TS Galaxy (New Peter Mokaba Stadium, 6pm)
Ngo-Agasti 3
Stellenbosch FC v AmaZulu FC (DHL Stadium, 3pm)
Mamelodi Sundowns v Richards Bay FC (Lucas Moripe Stadium, 6pm)